Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 k. 50
  • Isibonelo Esihle—UJosefa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UJosefa
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngingabenza Kanjani Lobu Bubi Obukhulu Kangaka?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Isigqila Esalalela UNkulunkulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 k. 50

Isibonelo Esihle—UJosefa

UJosefa ubhekene nesimo esinzima. Umkankosi yakhe ubelokhu emcela ukuba alale naye. Namanje usamcela! Kodwa uJosefa akayengeki. Empeleni, impendulo yakhe iwujuqu. UJosefa uyamtshela: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” Lapho ephikelela—aze ambambe nokumbamba—uJosefa akanamahloni okubaleka. Empeleni, uyagijima aphume endlini! UJosefa uzibonakalisa eyindoda yezimiso eziqotho.—Genesise 39:7-12.

Kungenzeka nawe ubhekane nesimo esifanayo lapho othile efuna wanelise inkanuko yobulili. Ukuze ukwazi ukwenqaba kudingeka okungaphezu kokuzimisela. Kuqala ngesifiso sokujabulisa uMdali wakho, uJehova uNkulunkulu. Uyabona, uJosefa wayenazo izifiso zobulili, njengawe nje. Kodwa akazange akucabange nakukucabanga ukwanelisa lezo zifiso ngendlela ezodumaza uMdali wakhe. Ngendlela efanayo, nawe kudingeka uqiniseke ukuthi ukuziphatha okungcolile kuyamcasula uNkulunkulu nokuthi ekugcineni kubangela usizi. Ngakho lwela ukuhlakulela nokulondoloza izimiso eziqotho ezaboniswa nguJosefa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela