Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 kk. 2-3
  • Umyalezo Wabazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umyalezo Wabazali
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 kk. 2-3

Umyalezo Wabazali

Entsheni, isikhathi sokukhula singafana nokuhamba entanjeni. Njengoba inyathela kule ntambo, ingabonakala ingaqiniseki—yesaba nokwesaba. Njengomzali, ngezinye izikhathi ungase ufise sengathi ungazivikela izingane zakho zingahambi kule “ndlela.” Kepha ngeke ukwazi ukukwenza lokho, kodwa ungaba okuthile ezizimelela kukho. Usesimweni esikahle kakhulu sokusiza abantabakho bahlale kule ndlela futhi bakhule babe abantu abadala abathenjwayo.

Kulula ukukusho kunokukwenza, akunjalo? Impela. Ungathi bekuyizolo nje lapho indodana yenu ibingujahidada ogxumagxumayo ongawuvali umlomo; manje isiyibhobhodleyana elingathi vu, elingathandi ukuxoxa nani. Zolo lokhu, intombazanyana yenu ibifuna ukuhamba nani noma kuphi; manje sekuthi ayife uma icabanga ukubonakala nani emphakathini!

Noma kunjalo, akudingeki nizizwe niyizehluleki lapho kufika lezi zinguquko. Ningathola ukuhlakanipha okunganinikeza isiqondiso esihle nina nengane yenu. Lokhu kuhlakanipha ningakuthola eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.

Le ncwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2 iklanyelwe ukunikeza ingane yenu amaphuzu amahle asekelwe emiBhalweni. Uma nibheka Okuphakathi emakhasini 4 no-5 nizothola umqondo wezihloko ezihlukahlukene okukhulunywa ngazo. Kodwa le ncwadi ngeke igcine ngokuninika amaphuzu kuphela. Cabangani ngalokhu okulandelayo:

(1) Le ncwadi ihilela umfundi. Ezindaweni eziningi ingane yakho izocelwa ukuba ibhale phansi izimpendulo zayo zemibuzo ehlukahlukene noma kuthiwe ayiveze uvo lwayo. Ngokwesibonelo, “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” emakhasini 132 no-133 luzosiza ingane yenu icabange ngezinkinga ehlangabezana nazo nezindlela zokuzisingatha. Ngaphezu kwalokho, ingxenye ngayinye kulezi ezingu-9 iphetha ngekhasi elinesihloko esithi “Imizwa Yami,” lapho ingane yenu ingabhala khona ekucabangayo nemizwa yayo ngezinto ezifunde kuleyo ngxenye.

(2) Le ncwadi ikhuthaza ukukhulumisana. Ngokwesibonelo, emakhasini 63 no-64 kunebhokisi elithi “Ngingaxoxa Kanjani Ngobulili Nobaba Noma Umama?” Ekupheleni kwesahluko ngasinye kunanebhokisi elithi “Ucabangani?” Akulona nje ibhokisi lokubukeza kuphela, lingasetshenziswa nasengxoxweni yomkhaya. Ngaphezu kwalokho, isahluko ngasinye sinengxenye ethi “Engizokwenza!”, umbuzo wokugcina kuleyo ngxenye ucela ingane ukuba iqedele lo musho: “Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba . . .” Le ngxenye izokhuthaza intsha ukuba icele izeluleko ezinhle kubazali bayo njengoba ikulesi sikhathi sokukhula.

Isixwayiso: Ukuze nikhuthaze izingane zenu zikukhiphe konke okusezifubeni zazo, kwamukeleni uma zingathandi ukunibonisa zona. Ngokuhamba kwesikhathi zingase zinitshele imizwa yazo ngalokho ezikubhalile.

Zitholeleni eyenu incwadi futhi niyazi kahle. Njengoba niyifunda, zamani ukukhumbula konke ukuxakeka, ukudideka nokukhathazeka enaninakho nisakhula. Lapho kufaneleka, xoxelani indodana noma indodakazi yenu ngalezo zinto. Kuyokhuthaza izingane zenu ukuba zinivulele izifuba zazo. Lapho zikhuluma, lalelani! Uma imizamo yokukhuluma nazo ingaphumeleli, ningapheli amandla. Noma izingane zingase zibonise ukuthi azizifuni izeluleko zabazali, zithanda izeluleko zabazali bazo ngaphezu kwezontanga.

Kuyinjabulo ukwethulela nina nezingane zenu leli thuluzi elisekelwe eBhayibhelini, futhi sithandazela ukuba libe yisibusiso emkhayeni wenu.

Abanyathelisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela