Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gl k. 30-k. 31 isig. 6
  • IJerusalema Nethempeli UJesu Ayelijwayele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IJerusalema Nethempeli UJesu Ayelijwayele
  • ‘Bona Izwe Elihle’
  • Indaba Ethi Ayifane
  • B11 Ithempeli Langekhulu Lokuqala
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • IJerusalema Nethempeli LikaSolomoni
    ‘Bona Izwe Elihle’
‘Bona Izwe Elihle’
gl k. 30-k. 31 isig. 6

IJerusalema Nethempeli UJesu Ayelijwayele

NGEMVA nje kokuzalwa kukaJesu, uJosefa noMariya bahamba naye baya emzini uYise wasezulwini ayebeke kuwo igama laKhe—iJerusalema. (Luka 2:22-39) Lapho eseneminyaka engu-12, uJesu waphinde waya khona eyela iPhasika. Wenza abafundisi ethempelini bakhexa ngoba wayenokuqonda. (Luka 2:41-51) Kwaze kwaphela ‘iminyaka [engaphezu] kwengamashumi amane nesithupha’ kwakhiwa lelo thempeli, elalingomunye wemisebenzi yokwakha kaHerode Omkhulu.—Joh 2:20.

Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wayeya emikhosini eJerusalema, lapho ayevame ukufundisa khona izixuku. Kwaze kwaba kabili exosha abashintshi bemali nabathengisi egcekeni lethempeli.—Math 21:12; Joh 2:13-16.

Enyakatho yethempeli, echibini laseBhethesda, uJesu welapha umuntu owayesegule iminyaka engu-38. INdodana kaNkulunkulu yavula namehlo empumputhe, yathi kuyo ayiyogeza echibini laseSilowama eliseningizimu yomuzi.—Joh 5:1-15; 9:1, 7, 11.

UJesu wayevame ukuvakashela abangane bakhe uLazaru, uMariya noMarta eBhethaniya, ‘eliyibanga elicishe libe amakhilomitha amathathu’ uma uya empumalanga yeJerusalema. (Joh 11:1, 18, umbhalo waphansi we-New World Translation of the Holy Scriptures—With References; Joh 12:1-11; Luka 10:38-42; 19:29; bheka esithi “Indawo YaseJerusalema,” ekhasini 18.) Sekusele izinsuku ezimbalwa afe, uJesu waya eJerusalema ehamba ngendlela edlula eNtabeni Yeminqumo. Mbone ngeso lengqondo ema ebuka lo muzi entshonalanga futhi ewukhalela. (Luka 19:37-44) Wawubona ufana nalo mfanekiso ophezulu ekhasini elilandelayo. Wabe esengena eJerusalema egibele ithole lembongolo, cishe wangena kwelinye lamasango omuzi asempumalanga. Izixuku zamdumisa njengeNkosi ka-Israyeli yesikhathi esizayo.—Math 21:9-12.

Izenzakalo ezibalulekile ezandulela ukufa kukaJesu zenzeka ezindaweni eziseJerusalema noma eduze kwakhona: ensimini yaseGetsemane, lapho uJesu athandaza khona; ehholo leSanhedrini; kwaKayafase; esigodlweni soMbusi uPilatu futhi ekugcineni, eGolgotha.—Mar 14:32, 53–15:1, 16, 22; Joh 18:1, 13, 24, 28.

Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wabonakala eJerusalema nangakhona. (Luka 24:1-49) Wabe esenyukela ezulwini esuka eNtabeni Yeminqumo.—IzE 1:6-12.

[Umdwebo ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IJerusalema/Ithempeli LikaHerode

Izindawo Zethempeli

1. INgcwelengcwele

2. INgcwele

3. I-Altare Lomnikelo Wokushiswa

4. ULwandle Olubunjiwe

5. IGceke Labapristi

6. IGceke Lika-Israyeli

7. IGceke Labesifazane

8. IGceke Labezizwe

9. UDonga (ISoreg)

10. UMpheme Wasebukhosini

11. UMpheme KaSolomoni

ITHEMPELI

ISango

IGceke Labapristi

ISango

INgcwelengcwele I-Altare

INgcwele Lomnikelo IGceke IGceke

Wokushiswa Lika-Israyeli Labesifazane

ULwandle

Olubunjiwe

ISango UMpheme

UDonga (ISoreg) KaSolomoni

IGceke Labezizwe

ISango

UMpheme Wasebukhosini

AmaSango

UMbhoshongo Ka-Antonia

IBhuloho

IHholo LeSanhedrini?

ISIGODI SASETYROPOEON

Ichibi LaseSilowama

Umsele Wamanzi

INdlu KaKayafase?

ISigodlo Sombusi

IGolgotha?

IGolgotha?

Ichibi LaseBhethesda

Insimu YaseGetsemane?

INTABA YEMINQUMO

ISIGODI SASEKIDRONI

Umthombo WaseGihoni

I-Eni-rogeli

ISIGODI SIKAHINOMU (IGEHENA)

[Izithombe ekhasini 30]

Lo mfanekiso ubonisa impumalanga yeJerusalema lanamuhla: (A) indawo yethempeli, (B) insimu yaseGetsemane, (C) iNtaba Yeminqumo, (D) ihlane lakwaJuda, (E) uLwandle Olufile

[Isithombe ekhasini 31]

Lo mfanekiso ubonisa intshonalanga yomuzi uma useNtabeni Yeminqumo ngosuku lukaJesu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela