‘Lapho UJehova Evusa Abahluleli’
UNGAYITHOLA kalula iNtaba iThabori (F4) ebalazweni—eningizimu-ntshonalanga yoLwandle LwaseGalile, eSigodini SaseJizreyeli. Zama ukubona ngeso lengqondo ibutho lamadoda angu-10 000 lihlangene esiqongweni sale ntaba. UJehova wasebenzisa uMahluleli uBharaki nomprofethikazi uDebora ukuba bashoshozele u-Israyeli ukuba alwe nenkosi yaseKhanani uJabini, okwase kuyiminyaka engu-20 imcindezele. Ngaphansi kwenduna yempi uSisera, izinqola zikaJabini ezingu-900 ezazinamasikela ensimbi esabekayo zasuka eHarosheti zeza emfuleni owomile waseKishoni, phakathi kweMegido neNtaba iThabori.
UMahluleli uBharaki wahola amadoda akwa-Israyeli wehla nawo waya esigodini salapha ukuze alwe namabutho kaSisera. UJehova wenza ukuba anqobe ngokuvele alethe isikhukhula esenza izinqola zikaSisera zabhajwa, amaKhanani esaba. (AbA 4:1–5:31) Leyo kwakungenye yezimpi eziningi u-Israyeli azinqoba ngosizo lukaNkulunkulu ngesikhathi saBahluleli.
Ngemva kokunqotshwa kweKhanani, izwe labelwa izizwe zakwa-Israyeli. Bheka ukuthi izizwe ezihlukahlukene ezingewona amaLevi zazihlalaphi. Isizwe esincane sakwaSimeyoni sathola imizi endaweni kaJuda. Ngemva kokufa kukaJoshuwa, ingokomoya nokuziphatha kwesizwe konakala. U-Israyeli “waba sebunzimeni obukhulu,” ecindezelwe izitha. Emzwela, ‘uJehova wavusa abahluleli’—amadoda angu-12 anokholo nesibindi—akhulula u-Israyeli enkathini eyiminyaka engamakhulu amathathu.—AbA 2:15, 16, 19.
UMahluleli uGideyoni wasebenzisa amadoda angu-300 kuphela ayengahlomile okutheni kodwa engamasosha asheshayo ukuba anqobe amasosha akwaMidiyani angu-135 000. Yayibambene phakathi kweNtaba iGilibowa neMore. Ngemva kokunqoba zisuka nje, uGideyoni waxosha isitha wasishonisa empumalanga, ogwadule.—AbA 6:1–8:32.
UJefta wakwaGileyadi, ongowesizwe sakwaManase, wakhulula imizi yakwa-Israyeli esempumalanga yeJordani eyayicindezelwe abakwa-Amoni. Lapho eyonqoba, kungenzeka ukuthi uJefta wahamba ngoMgwaqo WeNkosi, owawuxhumanisa iRamoti-gileyadi ne-Aroweri.—AbA 11:1–12:7.
USamsoni wayehlasela amaFilisti ogwini olungaseGaza nase-Ashikeloni. IGaza isesifundeni esinamanzi amaningi esidume ngezolimo. USamsoni wasebenzisa izimpungushe ezingu-300 ukuze athungele ngomlilo amasimu amaFilisti, izivini nezixhobo zeminqumo.—AbA 15:4, 5.
Njengoba uthola ekulandiseni kweBhayibheli noma uma ufunda ngezizwe zakubo, abahluleli babesebenza kulo lonke iZwe Lesithembiso. Kungakhathaliseki ukuthi babekuphi, uJehova wayebanakekela abantu bakhe abaphendukayo uma besosizini.
[Ibalazwe elisekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izizwe Nabahluleli
Abahluleli
1. U-Otheniyeli
2. U-Ehudi
3. UShamgari
4. UBharaki
5. UGideyoni
6. UThola
7. UJayire
8. UJefta
9. U-Ibhizani
10. U-Eloni
11. U-Abhidoni
12. USamsoni
Izabelo Zezizwe (Bheka encwadini)
Imizi YakwaManase
E4 IDori
E5 IMegido
E5 IThahanaki
F4 I-Eni-dori
F5 IBheti-sheyani (IBheti-shani)
F5 IJibhileyamu (IGati-rimoni)
Imizi YakwaSimeyoni
C9 ISharuheni (IShaharayimi) (IShilihimi)
C10 IBheti-lebhawoti (IBheti-bhiri)
D8 I-Etere (IThokheni)
D9 IZikilagi
D9 I-Ayini
D9 IHazari-susa?
D9 I-Ashani
D9 IBheri-sheba
D10 IHazari-shuwali
E9 I-Etamu
E9 IBheti-marikabhoti
E9 IBhetuweli? (IKhesili?)
E9 ISheba? (IJeshuwa)
E10 IBhahalati-bheri (IBhali)
E10 I-Ezemi
Imizi Yesiphephelo YamaLevi
E8 IHebroni
F3 IKedeshi
F6 IShekemi
H4 IGolani
H5 IRamoti-gileyadi
H8 IBhezeri
Imigwaqo Emikhulu
B10 INdlela YaseMaris
G10 UMgwaqo WeNkosi
Izizwe Zakwa-Israyeli
KWADANI (D7)
D7 IJopha
E8 IZora
KWAJUDA (D9)
C8 I-Ashikeloni
C9 IGaza
C9 ISharuheni (IShaharayimi) (IShilihimi)
C10 IBheti-lebhawoti (IBheti-bhiri)
C12 I-Azimoni
C12 IKadeshi
D7 IJabiniyeli
D8 I-Etere (IThokheni)
D9 IZikilagi
D9 I-Ayini
D9 IHazari-susa?
D9 I-Ashani
D9 IBheri-sheba
D10 IHazari-shuwali
E8 ILehi
E8 IBhetlehema
E8 IHebroni
E9 I-Etamu
E9 IBheti-marikabhoti
E9 IBhetuweli? (IKhesili?)
E9 ISheba? (IJeshuwa)
E10 IBhahalati-bheri (IBhali)
E10 I-Ezemi
KWA-ASHERI (E3)
E2 IThire
E4 IHarosheti
E4 IDori
F1 ISidoni
KWAMANASE (E5)
E6 IShamiri (ISamariya)
E6 IPirathoni
F6 IShekemi
G5 I-Abela-mehola
KWA-EFRAYIMI (E7)
E7 IThimnati-sera
F6 ITaphuwa
F6 IShilo
F7 IBhethele (ILuze)
KWANAFETALI (F3)
F2 IBheti-anati
F3 IKedeshi
G3 IHazori
KWAZEBHULONI (F4)
E4 IBhetlehema
KWA-ISAKARE (F5)
E5 IMegido
E5 IKedeshi (IKishiyoni)
E5 IThahanaki
F4 I-Eni-dori
F5 IBheti-shitha
F5 IBheti-sheyani (IBheti-shani)
F5 IJibhileyamu (IGati-rimoni)
KWABHENJAMINI (F7)
F7 IGiligali
F8 IJerusalema
KWADANI (G2)
G2 KwaDani (ILayishi)
KWAMANASE (H3)
H4 IGolani
KWAGADI (H6)
G6 ISukoti
G6 IPhenuweli
G6 IMispa (IMispe)
G7 IJogibeha
H5 IRamoti-gileyadi
H7 IRaba
H7 I-Abela-keramimi
KWARUBENI (H8)
G7 IHeshibhoni
G9 I-Aroweri
H7 IMiniti
H8 IBhezeri
[Ander plekke]
I1 IDamaseku
[Izintaba]
F4 INt. IThabori
F4 IMore
F5 INt. IGilibowa
F6 INt. I-Ebhali
F6 INt. IGerizimu
[Amachibi amanzi]
C5 ULwandle LwaseMedithera (ULwandle Olukhulu)
F9 ULwandle Lukasawoti
G4 ULwandle LwaseGalile
[Imifula nemihosha]
B11 I.S. SaseGibhithe
F6 UMfula IJordani
G6 I.S. SaseJabhoki
G9 I.S. Sase-Arinoni
G11 I.S. SaseZeredi
[Isithombe ekhasini 14]
INtaba iThabori, esendaweni ka-Isakare, ithé chwá phezu kweSigodi SaseJizreyeli
[Isithombe ekhasini 14]
Isikhukhula saseKishoni senza izinqola zikaSisera zabhajwa