ISIFUNDO 46
Imifanekiso Esekelwe Ezimweni Ezijwayelekile
YEBO, kubalulekile ukuba noma imiphi imifanekiso oyisebenzisayo ifanelane nendaba oxoxa ngayo. Kodwa ukuze ifeze injongo yayo, kubalulekile nokuba ifanelane nezilaleli.
Uhlobo lwezilaleli zakho lungakuthinta kanjani ukukhetha kwakho imifanekiso uma uzokhuluma neqembu? UJesu Kristu wenza kanjani? Kungakhathaliseki ukuthi wayekhuluma nezixuku noma nabafundi bakhe, uJesu akasebenzisanga izibonelo ezisekelwe endleleni yokuphila yakwamanye amazwe angaphandle kwelakwa-Israyeli. Izibonelo ezinjalo zaziyozixaka izilaleli zakhe. Ngokwesibonelo, uJesu akakhulumanga ngokuphila kwasebukhosini baseGibithe noma ngemikhuba yenkolo yaseNdiya. Noma kunjalo, imifanekiso yakhe yayizithinta izinto ezazivamile kubantu bawo wonke amazwe. Wakhuluma ngokuchibiyela izingubo, ukuqhuba ibhizinisi, ukulahlekelwa into eyigugu, nokuya emadilini omshado. Wayazi ukuthi abantu basabela kanjani kulezi zimo ezihlukahlukene, futhi wenza ngokuvumelana nalokho. (Marku 2:21; Luka 14:7-11; 15:8, 9; 19:15-23) Njengoba ukushumayela kwakhe obala kwakuqondiswe ikakhulu kubantu bakwa-Israyeli, imifanekiso kaJesu yayivame ukubhekisela ezintweni nasemisebenzini ababeyenza nsuku zonke. Ngakho, wakhuluma ngezinto ezinjengokulima, indlela izimvu ezisabela ngayo kumalusi wazo, nokugcina iwayini ezingqalathini. (Marku 2:22; 4:2-9; Joh. 10:1-5) Wakhuluma nangezibonelo ezingokomlando ezijwayelekile—ukudalwa kombhangqwana wokuqala ongabantu, uZamcolo wosuku lukaNowa, ukubhujiswa kweSodoma neGomora, ukufa kukamkaLoti, uma sibala ezimbalwa. (Math. 10:15; 19:4-6; 24:37-39; Luka 17:32) Ingabe nawe uzicabangela kahle izinto izilaleli ezivame ukuzenza namasiko azo lapho ukhetha imifanekiso?
Kuthiwani uma ungakhulumi neqembu elikhulu, kodwa ukhuluma nomuntu oyedwa noma mhlawumbe abambalwa? Zama ukukhetha umfanekiso ofanelana kahle nalezo zilaleli ezimbalwa. Ngesikhathi uJesu efakaza kowesifazane waseSamariya emthonjeni eduze kwaseSikhari, wakhuluma ‘ngamanzi aphilayo,’ ngokuthi ‘akasoze oma,’ ‘nangomthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade’—konke okwakuyizifenqo ezazihlobene nomsebenzi walona wesifazane. (Joh. 4:7-15) Lapho ekhuluma nabantu ababegeza amanetha abo okudoba, isifenqo asikhetha sasiphathelene nebhizinisi lokudoba. (Luka 5:2-11) Kulezi zenzakalo ezimbili, wayengakhuluma ngokulima, ngoba babehlala endaweni okulinywayo kuyo, kodwa yeka ukuthi kwaphumelela kanjani ukukhuluma ngomsebenzi wabo siqu njengoba ayebachazela! Ingabe uyazama ukwenza lokho?
Njengoba uJesu agxilisa ukunaka kwakhe “ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli,” umphostoli uPawulu akathunyelwanga nje kuphela ku-Israyeli kodwa nakwabeZizwe. (Math. 15:24; IzE. 9:15) Ingabe lokhu kwenza umehluko endleleni akhuluma ngayo uPawulu? Yebo. Lapho ebhalela amaKristu aseKorinte, wakhuluma ngemincintiswano yokugijima, wakhuluma ngomkhuba wokudlela emathempelini ezithombe, wakhuluma nangodwendwe lokunqoba, izinto ababezijwayele labo bantu beZizwe.—1 Kor. 8:1-10; 9:24, 25; 2 Kor. 2:14-16.
Ingabe uqikelela njengoJesu noPawulu ekukhetheni imifanekiso nezibonelo ozozisebenzisa lapho ufundisa? Ingabe uyasicabangela isizinda sezilaleli zakho nezinto ezizenza nsuku zonke? Yiqiniso, izimo ziye zashintsha emhlabeni kusukela ekhulwini lokuqala. Abantu abaningi bayakwazi ukubona okwenzeka kwamanye amazwe ngethelevishini. Ngokuvamile bayazazi izimo zakwamanye amazwe. Uma kunjalo ngakini, akulona neze iphutha ukucaphuna izindaba ezinjalo wenze ngazo imifanekiso. Nokho, izinto ezibathinta ngokujulile abantu kuye kube yilezo ezithinta ukuphila kwabo siqu—umuzi wabo, umkhaya wabo, umsebenzi wabo, ukudla abakudlayo, isimo sezulu sasendaweni yakubo.
Uma umfanekiso wakho udinga ukuba uchazwe kakhulu, kungenzeka ukuthi ukhuluma ngento ezingayazi izilaleli zakho. Kungaba lula ngomfanekiso onjalo ukuba usithibeze iphuzu lalokho okushoyo. Ngenxa yalokho, izilaleli zingase zikhumbule umfanekiso wakho kodwa zingalikhumbuli iqiniso elingokomBhalo obuzama ukuzinikeza lona.
Kunokusebenzisa iziqhathaniso eziyinkimbinkimbi, uJesu wakhuluma ngezinto ezilula, ezivamile. Wasebenzisa izinto ezincane lapho echaza izinto ezinkulu, nezinto ezilula ukuze akhanyise ezinzima. Ngokwenza imisebenzi yansuku zonke ihlobane namaqiniso angokomoya, uJesu wasiza abantu ukuba bawaqonde kalula amaqiniso angokomoya ayewafundisa futhi wabasiza ukuba bawakhumbule. Yeka isibonelo esihle sokusilandela!