Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 38 k. 215-k. 219 isig. 2
  • Isethulo Esivusa Isithakazelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isethulo Esivusa Isithakazelo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izethulo Eziphumelelayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Isethulo Esiphumelelayo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Indaba Efundisayo, Inikezwe Ngokukhanyayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Iyazifundisa Izilaleli Zakho
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 38 k. 215-k. 219 isig. 2

ISIFUNDO 38

Isethulo Esivusa Isithakazelo

Yini okudingeka uyenze

Lapho uqala ukukhuluma, yisho okuthile okuzokwenza izilaleli zakho zikunake nokuzokwenza ukwazi ukufinyelela umgomo wakho.

Kungani Sibalulekile?

Isethulo sakho singanquma ukuthi abantu bayokulalela yini nokuthi bayokunaka kangakanani kulokho okushoyo.

ISETHULO siyingxenye ebalulekile kunoma iyiphi inkulumo. Uma usivusa ngempela isithakazelo sezilaleli zakho, ziyothambekela kakhulu ekukulalelisiseni. Enkonzweni yasensimini, uma isethulo sakho singasivusi isithakazelo, ungase ungakwazi ukuqhubeka nesigijimi sakho. Uma unikeza inkulumo eHholo LoMbuso, izilaleli ngeke zisukume zihambe, kodwa abanye bangase baqale ukucabanga ezinye izinto uma ungazange ubagcine benesithakazelo.

Lapho ulungiselela isethulo sakho, khumbula le migomo elandelayo: (1) ukwenza izilaleli zikunake, (2) sisho ngokucacile isihloko sakho, (3) bonisa ukuthi kungani lesi sihloko sibalulekile ezilalelini zakho. Kwezinye izimo, le migomo emithathu ungase uyifinyelele kanye kanye. Ngezinye izikhathi ungase ufinyelele owodwa ngesikhathi, nokulandelana kwayo kungase kushintshe.

Indlela Yokudonsa Ukunaka Kwezilaleli Zakho. Ukuthi abantu bezile bazolalela inkulumo akusho ukuthi bakulungele ukugxilisa izingqondo zabo endabeni ozobe ukhuluma ngayo. Kungani kunjalo? Ukuphila kwabo kugcwele izinto eziningi okudingeka bazinake. Kungenzeka ukuthi bakhathazeke ngenkinga esekhaya noma enye inkathazo yokuphila. Inselele obhekene nayo njengesikhulumi, ukwenza izilaleli zikunake futhi ziqhubeke zikunakile. Ziningi izindlela ongakwenza ngazo lokhu.

Enye yezinkulumo ezidumile ezake zanikezwa kwakuyiNtshumayelo YaseNtabeni. Yaqala kanjani? Ngokokulandisa kukaLuka, uJesu wathi: “Niyajabula nina enimpofu, . . . niyajabula nina enilambayo manje, . . . niyajabula nina enikhalayo manje, . . . niyajabula noma nini lapho abantu benizonda.” (Luka 6:20-22) Kungani lokho kwavusa isithakazelo? Ngamafuphi nje, uJesu wakhuluma ngezinye zezinkinga ezingathi sína izilaleli zakhe okwakumelwe zibhekane nazo. Kunokuxoxa kabanzi ngezinkinga, wabonisa ukuthi abantu ababenezinkinga ezinjalo babengajabula noma zikhona, futhi wakwenza ngendlela eyenza izilaleli zakhe zafuna ukuzwa okwengeziwe.

Imibuzo ingase isetshenziswe ngokuphumelelayo ukuze ivuse isithakazelo, kodwa kumelwe ifaneleke. Uma imibuzo yakho ibonisa ukuthi uzokhuluma ngezinto izilaleli zakho esezike zazizwa ngaphambili, isithakazelo singase sisheshe sinciphe. Ungabuzi imibuzo eyenza izilaleli zakho zibe namahloni noma ezibeka ebubini. Kunalokho, zama ukubeka imibuzo yakho ngendlela eyozenza zicabange. Hlaba ikhefu elincane ngemva kombuzo ngamunye, ukuze izilaleli zakho zibe nethuba lokwakha impendulo ezingqondweni. Uma zinomuzwa wokuthi lokho okushoyo kuzenza zicabange, ziyobe zikunakile.

Ukusebenzisa isenzakalo esingokoqobo ekuphileni kungenye yezindlela zokubamba isithakazelo. Kodwa ukumane uxoxe indaba nje kungase kungayifezi injongo yakho uma leso senzakalo senza abanye babe namahloni. Uma indaba yakho ikhumbuleka kodwa isifundo esihambisana nayo silibaleka, uyobe uhlulekile ukufinyelela umgomo. Uma leso senzakalo sisetshenziswa esethulweni, kufanele sendlalele izici ezithile ezibalulekile zomzimba wenkulumo yakho. Nakuba kungase kudingeke imininingwane ukuze indaba exoxwayo iphile, qaphela ukuba ungakweluli ngokungadingekile ukulandisa kwakho ngaleso senzakalo.

Ezinye izikhulumi ziqala inkulumo ngendaba esematheni, ngodaba oluvele ephephandabeni lendawo, noma ngendaba eshiwo isikhulu esithile. Lezi zindlela nazo zingaphumelela uma zifanelana ngempela nendaba futhi zifanelana nezilaleli.

Uma inkulumo yakho iyingxenye yochungechunge noma ingxenye yoMhlangano Wenkonzo, khona-ke ngokuvamile kuba ngcono kakhulu ukwenza isethulo sakho sibe sifushane futhi sishaye emhloleni. Uma unikeza inkulumo yeningi, ungaseqi isikhathi esabelwe isethulo. Ngumzimba wenkulumo oyonikeza izilaleli ukwaziswa okuwusizo kakhulu kuzo.

Ngezinye izikhathi ungase uzithole ukhuluma nezilaleli ezingabazayo noma ezingenamusa. Ungazenza kanjani zikunake? UStefanu, umKristu wasendulo owachazwa ‘njengogcwele umoya nokuhlakanipha,’ wayiswa ngenkani phambi kweSanhedrini yamaJuda. Lapho, wakhuluma ngokuqephuza evikela ubuKristu. Waqala kanjani? Ngendlela enenhlonipho nangokusho okuthile ababevumelana ngakho nezilaleli zakhe. Wathi: “Madoda, bafowethu nawobaba, yizwani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abrahama.” (IzE. 6:3; 7:2) Ese-Areyophagu e-Athene, umphostoli uPawulu wavumelanisa isethulo sakhe nezilaleli ezazihluke kakhulu, ethi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ukuthi kukho konke nibonakala nithambekele ngokwengeziwe kunabanye ekwesabeni onkulunkulu.” (IzE. 17:22) Ngenxa yezethulo ezithinta inhliziyo, womabili la maqembu ezilaleli afuna ukuzwa okwengeziwe.

Uma usenkonzweni yasensimini, usuke ufuna abantu okhuluma nabo bakunake. Uma ungahlelanga kusengaphambili ukuthi uzofika, ungase ufice umninikhaya ematasa ngezinye izinto. Kwezinye izingxenye zomhlaba, izivakashi ezingamenyiwe kulindeleka ukuba zisho ngokushesha ukuthi zize ngani. Kwezinye, amasiko endawo adinga ukuba kwenziwe imicikilisho ethile ngaphambi kokuba usho ukuthi uhamba ngani.—Luka 10:5.

Kunoma ikuphi, ukuba nobungane obuqotho kungasiza ekwakheni isimo esihle sokuba nengxoxo. Ngokuvamile kuyasiza ukuqala ngokuthile okuhlobana ngokuqondile nalokho okusengqondweni yomuntu. Ungathola kanjani ukuthi yini okumelwe uyisebenzise? Ingabe lapho ufika, umuntu ubenza okuthile? Mhlawumbe uyalima, uhlanza igceke, ukhanda imoto, uyapheka, uyawasha noma unakekela izingane. Ingabe kukhona abekubuka—ubefunda iphephandaba noma ubebuka okuthile emgwaqweni? Ingabe okumzungezile kubonisa ukuthi unesithakazelo esikhethekile ekudobeni, emidlalweni, emculweni, ekuhambeni amazwe, kuma-computer noma kokunye? Abantu ngokuvamile bayakhathazeka ngalokho abasanda kukuzwa emsakazweni noma abakubone kuthelevishini. Umbuzo noma ukukhulumela okufushane nganoma yikuphi kulokhu kungase kuholele engxoxweni emnandi.

Isenzakalo lapho uJesu akhuluma khona nowesifazane ongumSamariya emthonjeni waseSikhari siyisibonelo esivelele sendlela yokuqala ingxoxo ngenjongo yokunikeza ubufakazi.—Joh. 4:5-26.

Kudingeka usilungiselele kahle isethulo sakho, ikakhulukazi uma ibandla okulo liyisebenza njalo insimu yalo. Ngaphandle kwalokho, ngeke ukwazi ukunikeza ubufakazi.

Yisho Isihloko Sakho. Ebandleni lobuKristu, usihlalo noma othile okwandulelayo esimisweni ngokuvamile uyomemezela isihloko senkulumo yakho futhi akwethule. Nokho, kungase kusize ukuphinde uzikhumbuze izilaleli zakho ngendaba ozoxoxa ngayo esethulweni sakho. Ungase usho isihloko njengoba sinjalo, nakuba ungaphoqelekile. Kunoma ikuphi, isihloko kufanele siye sikhanya njengoba inkulumo iqhubeka. Esethulweni sakho, kufanele ngandlela-thile uveze ukuthi uzokhuluma ngani.

Lapho ethumela abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, uJesu wasibeka ngokucacile isigijimi okwakumelwe basidlulisele. “Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” (Math. 10:7) Mayelana nosuku lwethu, uJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa.” (Math. 24:14) Sinxuswa ukuba ‘sishumayele izwi,’ okusho ukuthi sinamathele eBhayibhelini lapho sifakaza. (2 Thim. 4:2) Kodwa ngaphambi kokuvula iBhayibheli noma kokukhuluma ngoMbuso, ngokuvamile kudingeka ukhulume ngendaba ethile esematheni ngaleso sikhathi. Ungase ukhulume ngobugebengu, ukuntuleka kwemisebenzi, ukungabi khona kobulungisa, izimpi, indlela yokusiza izingane, ukugula, noma ukufa. Kodwa ungakhulumi isikhathi eside ngezinto ezimbi; isigijimi sakho siyakha. Zama ukuholela ingxoxo eZwini likaNkulunkulu nasethembeni loMbuso.

Bonisa Ukuthi Kungani Indaba Ibalulekile Ezilalelini Zakho. Uma uyobe ukhuluma nebandla, ungaqiniseka impela ukuthi izilaleli zakho ziyoba nesithakazelo kulokho oxoxa ngakho. Kodwa ingabe ziyolalela ngendlela umuntu asuke elalele ngayo lapho efunda into emthinta ngempela? Ingabe ziyokunaka ngoba zibona ukuthi lokho ezikuzwayo kufana nesimo sazo ekuphileni futhi ngoba wena uvusa kuzo isifiso sokwenza okuthile ngakho? Lokho kuyokwenzeka uma ucabangile ngezilaleli zakho—izimo zazo, okuzikhathazayo, nezimo zazo zengqondo—lapho ulungiselela inkulumo. Uma ucabangile ngazo, kuveze lokho esethulweni sakho.

Kungakhathaliseki ukuthi ukhuluma endaweni yesikhulumi noma ufakaza kothile, enye yezindlela ezingcono kakhulu zokuvusa isithakazelo endabeni iwukuzihilela izilaleli zakho. Bonisa ukuthi izinkinga zazo, izidingo zazo noma imibuzo esezingqondweni zazo kuhlobana kanjani nalokho oxoxa ngakho. Uma ukwenza kucace ukuthi awuzugcina ngokukhuluma ngezinto ezijwayelekile nje, kodwa uzoxoxa ngezici ezikhethekile zendaba, ziyokulalelisisa nakakhulu. Ukuze wenze lokho, kumelwe ulungiselele kahle.

Indlela Osibeka Ngayo. Lokho okushoyo esethulweni sakho kubaluleke kakhulu, kodwa indlela okusho ngayo nayo ingavusa isithakazelo. Ngalesi sizathu, ukulungiselela kwakho kumelwe kungahlanganisi nje kuphela lokho oyokusho kodwa nendlela oyokusho ngayo.

Ukukhetha amagama kubalulekile ukuze ufinyelele umgomo wakho, ngakho ungase ukuthole kusiza ukulungiselela kahle imisho emibili noma emithathu yokuqala. Ngokuvamile imisho emifushane nelula iyona engcono kakhulu. Enkulumweni yasebandleni, ungase uthande ukuyibhala phansi ohlakeni lwakho, noma ungase ukhethe ukuyibamba ngekhanda ukuze amazwi esethulo sakho abe namandla adingekayo. Ukunikeza isethulo esihle ngokungajahi kungakusiza ukuba uzole ukuze uyibeke kahle yonke inkulumo yakho.

Isikhathi Osilungiselela Ngaso. Miningi imibono ngalokhu. Izikhulumi ezinolwazi zikholelwa ukuthi kumelwe uqale ngesethulo lapho ulungiselela inkulumo. Abanye abafunde ngokukhuluma eningini banomuzwa wokuthi isethulo kumelwe silungiselelwe ngemva kokuba usulungiselele umzimba wenkulumo.

Kudingeka uyazi nakanjani indaba yakho nokuthi yimaphi amaphuzu asemqoka ohlela ukuwathuthukisa ngaphambi ngokuhlela isethulo esifanelekayo. Kodwa kuthiwani uma ulungiselela inkulumo yakho ngohlaka oselukhona kakade? Ngemva kokufunda uhlaka, uma usunawo umbono wesethulo, alikho icala ekusibhaleni phansi. Khumbula futhi ukuthi ukuze siphumelele isethulo sakho, kufanele ucabange ngezilaleli zakho nangendaba esohlakeni.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Cabanga ngezilaleli zakho—izimo zazo, okuzikhathazayo, izimo zazo zengqondo nalokho esezikwazi kakade ngendaba ozoxoxa ngayo.

  • Thola ukuthi kule ndaba yakho yini engase ithakazelise ngokukhethekile nengaba usizo kuzo.

IZIVIVINYO: (1) Ngaphambi kokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu, lungiselela isethulo esifanelana nesigijimi sakho nesenzakalo samuva ensimini yakini. (2) Bukeza isigaba sokuqala ezihlokweni ezinhlanu noma eziyisithupha ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Zibuze ukuthi yini eyenza isethulo ngasinye siphumelele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela