ISIFUNDO 22
ImiBhalo Isetshenziswe Kahle
LAPHO ufundisa abanye, kudingeka okungaphezu nje kokufunda amavesi eBhayibheli. Umphostoli uPawulu wabhalela umngane wakhe uThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngalo, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thim. 2:15.
Ukuze senze kanjalo, kusho ukuthi ukuchaza kwethu imibhalo kumelwe kuhambisane nalokho iBhayibheli ngokwalo elikufundisayo. Lokhu kudinga ukuba sicabangele umongo, kunokuba simane sikhethe amazwi esiwathandayo nokufaka eyethu imibono. Ngomprofethi uJeremiya, uJehova waxwayisa ngabaprofethi ababethi bakhuluma okuvela kuYena, kodwa empeleni bebe bekhuluma “umbono wenhliziyo yabo.” (Jer. 23:16) Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu ngokungcolisa iZwi likaNkulunkulu ngamafilosofi abantu lapho ebhala: “Siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo, njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu.” Ngalezo zinsuku, abathengisi bewayini abangathembekile babevame ukuxuba iwayini namanzi ukuze lande futhi libangenisele imali eningi. Asilonakalisi iZwi likaNkulunkulu ngokulixuba namafilosofi abantu. UPawulu wathi: “Asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu njengoba abantu abaningi beyibo, kodwa sikhuluma ngobuqotho, yebo, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, sibonwa uNkulunkulu, sikanye noKristu.”—2 Kor. 2:17; 4:2.
Ngezinye izikhathi, ungase ucaphune umbhalo ukuze ugcizelele isimiso esithile. IBhayibheli ligcwele izimiso ezinikeza iziqondiso ezinengqondo ezingase zisetshenziswe ezimweni eziningi ezihlukahlukene. (2 Thim. 3:16, 17) Kodwa kumelwe uqiniseke ukuthi ukuchaza ngokunembile ukusebenza kombhalo nokuthi awuwusebenzisi kabi, uwenze usho lokho wena ofuna ukusho. (IHu. 91:11, 12; Math. 4:5, 6) Incazelo yokusebenza kwawo kumelwe ivumelane nenjongo kaJehova, ihambisane nalo lonke iZwi likaNkulunkulu.
“Ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele” kusho nokuthola umoya walokho okushiwo iBhayibheli. Alisona ‘isagila’ sokwethusa abanye. Abefundisi benkolo ababephikisa uJesu Kristu babecaphuna imiBhalo, kodwa bengazinaki izindaba ezingathi sína ezikhathalelwa uNkulunkulu—ezazihlanganisa ubulungisa, isihe, nokwethembeka. (Math. 22:23, 24; 23:23, 24) Lapho efundisa iZwi likaNkulunkulu, uJesu wabonakalisa ubuntu bukaYise. Intshiseko kaJesu ngeqiniso yayihambisana nothando lwakhe olujulile ngabantu ayebafundisa. Kumelwe sizame ukulandela isibonelo sakhe.—Math. 11:28.
Singaqiniseka kanjani ukuthi siyichaza ngendlela efanele imibhalo? Ukufunda iBhayibheli njalo kuyosiza. Kudingeka silazise nelungiselelo likaJehova ‘lenceku ethembekileyo neqondayo,’ isigaba samaKristu agcotshwe ngomoya ondla ngaso izinceku zakhe ezithembekile ngokudla okungokomoya. (Math. 24:45) Isifundo somuntu siqu nokuya njalo emihlanganweni yebandla futhi sibe nengxenye kuyo kuyosisiza sizuze emfundweni enikezwa ngaleso sigaba senceku ethembekileyo neqondayo.
Uma incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo ikhona ngolimi lwakho futhi ufunda ukuyisebenzisa kahle, uyoba nesiqondiso osidingayo sokukuchaza ngendlela eqondile ukusebenza kwemibhalo eminingi evame ukusetshenziswa enkonzweni yethu. Uma uhlela ukusebenzisa umbhalo ongajwayelekile, ukuthobeka kuyokushukumisela ukuba wenze ucwaningo oludingekayo ukuze kuthi lapho ukhuluma, ukwazi ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele.—IzAga 11:2.
Yenza Kucace Ukuthi ImiBhalo Isebenza Kanjani. Lapho ufundisa abanye, qiniseka ukuthi bakubona ngokucacile ukuhlobana kwendaba okhuluma ngayo nemibhalo oyisebenzisayo. Uma ubuza umbuzo ozowuphendula ngombhalo, izilaleli zakho kufanele zibone ukuthi umbhalo uwuphendula kanjani lowo mbuzo. Uma ufunda umbhalo ngenjongo yokusekela iphuzu elithile, qiniseka ukuthi kuyamcacela umfundi ukuthi umbhalo ulifakazela kanjani lelo phuzu.
Ukufunda nje umbhalo—ngisho ungawufunda ngokugcizelela—ngokuvamile akwanele. Khumbula, umuntu ovamile akalijwayele iBhayibheli futhi cishe ngeke alithole iphuzu lakho uma ufunda kanye nje kuphela. Gcizelela ingxenye yombhalo ekhanyisa lokho oxoxa ngakho.
Lokhu ngokuvamile kudinga ukuba utomule amagama ayisihluthulelo, ahlobana ngokuqondile nephuzu elidingidwayo. Indlela elula iwukuphinde uwasho lawo magama aphethe umqondo. Uma ukhuluma nomuntu, ungase umbuze imibuzo eyomsiza athole amagama ayisihluthulelo. Uma zikhuluma neqembu, ezinye izikhulumi zikhetha ukufinyelela umgomo wazo ngokusebenzisa igama elimqondo-fana nalelo ezilifundile noma ngokuliphinda iphuzu. Nokho, uma ukhetha ukwenza lokhu, qikelela ukuthi izilaleli ziyaqonda ukuthi iphuzu okuxoxwa ngalo lihlobana kanjani nombhalo.
Lapho usuwatholile amagama ayisihluthulelo, usuke usubeke isisekelo esihle. Manje yenza okulandelayo. Ingabe ngesikhathi wethula umbhalo usenze sakhanya isizathu sokuwufunda? Uma kunjalo, yisho ukuthi lawo magama owagcizelele ahlobana kanjani nalokho owenze izilaleli zakho ukuba zikulindele. Yisho ngokucacile ukuthi kuhlobana kanjani. Ngisho noma ungawethulanga ngokucace kanjalo umbhalo, kumelwe uwukhulumele.
AbaFarisi babuza uJesu umbuzo ababecabanga ukuthi unzima, othi: “Kungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe ngayo yonke inhlobo yesizathu?” UJesu wasekela impendulo yakhe kuGenesise 2:24. Phawula ukuthi wagxila engxenyeni eyodwa nje yawo, wabe esewuchaza. Ngemva kokuthi indoda nomfazi babeyoba “nyamanye,” uJesu waphetha: “Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Math. 19:3-6.
Kumelwe unikeze incazelo engakanani ukuze kucace ukuthi umbhalo usebenza kanjani? Kuyoya ngokuthi obani abakulalele nokuthi iphuzu elidingidwayo libaluleke kangakanani. Injongo yakho kumelwe kube ukubeka iphuzu ngendlela elula neqondile.
Bonisana Nabanye NgemiBhalo. Ngokuphathelene nenkonzo yomphostoli uPawulu eThesalonika, izEnzo 17:2, 3 zisitshela ukuthi “wabonisana ngemiBhalo.” Leli yikhono zonke izikhonzi zikaJehova okufanele zilihlakulele. Ngokwesibonelo, uPawulu waxoxa ngamaqiniso aphathelene nokuphila nenkonzo kaJesu, wabonisa ukuthi ayebikezelwe emiBhalweni yesiHeberu, wabe esenikeza isiphetho esinamandla ngokuba athi: “Lo nguye uKristu, lo Jesu engimmemezela kini.”
Lapho ebhalela amaHeberu, uPawulu wacaphuna ngokuphindaphindiwe emiBhalweni yesiHeberu. Ukuze agcizelele noma acacise iphuzu, wayevame ukutomula igama elilodwa noma umushwana, abese echaza ukuthi libaluleke kanjani. (Heb. 12:26, 27) Ekulandiseni okutholakala kweyamaHeberu isahluko 3, uPawulu wacaphuna amaHubo 95:7-11. Phawula ukuthi wabe esenaba ngamaphuzu amathathu: (1) wakhuluma ngenhliziyo (Heb. 3:8-12), (2) ukubaluleka kwenkulumo ethi, “Namuhla” (Heb. 3:7, 13-15; 4:6-11), (3) nencazelo yenkulumo ethi ‘Ngeke bangene ekuphumuleni kwami’ (Heb. 3:11, 18, 19; 4:1-11). Zama ukulingisa leso sibonelo lapho uchaza ukuthi umbhalo usebenza kanjani.
Phawula indlela okwaphumelela ngayo ukubonisana kukaJesu nabanye ngemiBhalo endabeni etholakala kuLuka 10:25-37. Indoda ewaziyo uMthetho yabuza: “Mfundisi, ngingenzani ukuze ngizuze njengefa ukuphila okuphakade?” Lapho eyiphendula, uJesu waqale wacela umbono wale ndoda ngendaba, wabe esegcizelela ukubaluleka kokwenza lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu. Lapho kubonakala ukuthi le ndoda ilahlekelwa iphuzu, uJesu wenaba kabanzi ngegama elilodwa kulo mbhalo—elithi ‘umakhelwane.’ Kunokuba avele alichaze leli gama, wasebenzisa umfanekiso ukuze asize le ndoda ikwazi ukufinyelela esiphethweni esifanele.
Kusobala ukuthi lapho ephendula imibuzo, uJesu wayengavele nje acaphune imibhalo enikeza izimpendulo eziqondile nezisobala. Wayeyihlaziya abese ebonisa ukuthi isebenza kanjani embuzweni obuziwe.
Lapho abaSadusi bephika ithemba lovuko, uJesu wagxila engxenyeni eyodwa ka-Eksodusi 3:6. Kodwa akagcinanga ngokucaphuna umbhalo. Wabonisa ngokucacile ukuthi uvuko luyingxenye yenjongo kaNkulunkulu.—Marku 12:24-27.
Ukuba yingcweti yokubonisana nabanye ngemiBhalo ngendlela eqondile nephumelelayo kuyoba yisici esibalulekile ekubeni kwakho umfundisi onekhono.