Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 9 k. 15
  • Bangobani Abangane BakaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bangobani Abangane BakaNkulunkulu?
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izigidi Zezidalwa Zomoya
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingabe Abantu Baba Izingelosi Lapho Befa?
    I-Phaphama!—2006
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 9 k. 15

ISIFUNDO 9

Bangobani Abangane BakaNkulunkulu?

UJesu Kristu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, izingelosi ziqondisa umsebenzi wokushumayela

UJesu Kristu uyiNdodana kaJehova nomngane wakhe oseduze kakhulu namthanda kunabo bonke. Engakaphili njengomuntu emhlabeni, uJesu wayephila ezulwini njengesidalwa somoya esinamandla. (Johane 17:5) Wabe eseza emhlabeni ezofundisa abantu iqiniso ngoNkulunkulu. (Johane 18:37) Wanikela nangokuphila kwakhe kobuntu ukuze asindise abantu abalalelayo esonweni nasekufeni. (Roma 6:23) UJesu manje uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini oyoletha iPharadesi kulo mhlaba.—IsAmbulo 19:16.

Izingelosi nazo zingabangane bakaNkulunkulu. Izingelosi azizange ziqale ziphile njengabantu emhlabeni. Zadalelwa ezulwini ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale umhlaba. (Jobe 38:4-7) Kukhona izigidigidi zezingelosi. (Daniyeli 7:10) Laba bangane bakaNkulunkulu basezulwini bafuna abantu bafunde iqiniso ngoJehova.—IsAmbulo 14:6, 7.

OFakazi BakaJehova bashumayeza owesifazane

UNkulunkulu unabo abangane nasemhlabeni; ubabiza ngokuthi ofakazi bakhe. Enkantolo, ufakazi usho lokho akwaziyo ngothile noma ngokuthile. OFakazi BakaJehova batshela abanye ngabakwaziyo ngoJehova nenjongo yakhe. (Isaya 43:10) Njengezingelosi, oFakazi bafuna ukukusiza ufunde iqiniso ngoJehova. Bafuna ukuba nawe ube umngane kaNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela