Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 7 k. 12-k. 13 isig. 3
  • Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UZamcolo Omkhulu​—Obani Abalalela? Obani Abangalalelanga?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • Umkhumbi KaNowa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Wagcinwa “Ephephile Nabanye Abayisikhombisa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 7 k. 12-k. 13 isig. 3

ISIFUNDO 7

Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo

UJehova ngeke abavumele abantu ababi ukuba bonakalise iPharadesi. Abangane bakhe kuphela abayohlala kulo. Kuyokwenzekani kubantu ababi? Ukuze uthole impendulo, cabangela indaba eyiqiniso kaNowa. UNowa wayephila eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule. Wayeyindoda elungile eyayihlale ilwela ukwenza intando kaJehova. Kodwa abanye abantu emhlabeni babenza izinto ezimbi. Ngakho uJehova watshela uNowa ukuthi wayezoletha isikhukhula sizobhubhisa bonke labo bantu ababi. Watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi ukuze yena nomkhaya wakhe bangafi lapho kufika iSikhukhula.—Genesise 6:9-18.

Ngisho nangesikhathi uNowa nomndeni wakhe befaka izilwane emkhunjini, abantu ababi benqaba ukulalela isixwayiso

UNowa nomkhaya wakhe bakha umkhumbi. UNowa waxwayisa abantu ngokuthi kwakuzofika iSikhukhula, kodwa abamlalelanga. Baqhubeka benza izinto ezimbi. Ngemva kokuphela komkhumbi, uNowa wafaka izilwane emkhunjini, futhi yena nomkhaya wakhe bangena phakathi. UJehova wabe eseletha isivunguvungu esikhulu. Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40. Amanzi agcwala emhlabeni wonke.—Genesise 7:7-12.

Abantu ababi balahlekelwa ukuphila kwabo, kodwa uNowa nomkhaya wakhe basinda. UJehova wabasindisa eSikhukhuleni badlulela emhlabeni owawungasenabo ububi. (Genesise 7:22, 23) IBhayibheli lithi kuzophinde kufike isikhathi uJehova azobhubhisa ngaso labo abenqaba ukwenza okulungile. Abantu abalungile ngeke babhujiswe. Bayophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.—2 Petru 2:5, 6, 9.

Namuhla abantu abaningi benza izinto ezimbi. Izwe ligcwele izinkathazo. UJehova uthuma oFakazi bakhe ngokuphindaphindiwe ukuba baxwayise abantu, kodwa abaningi abafuni ukulalela amazwi kaJehova. Abafuni ukushintsha izindlela zabo. Abafuni ukwamukela lokho uNkulunkulu akushoyo ngokulungile nokungalungile. Kuzokwenzekani kulaba bantu? Ingabe bayoke bashintshe? Abaningi abasoze bashintsha. Siyeza isikhathi sokuba abantu ababi babhujiswe futhi bangaphinde baphile.—IHubo 92:7.

Umhlaba ngeke ubhujiswe; uyokwenziwa ipharadesi. Labo ababa abangane bakaNkulunkulu bayophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.—IHubo 37:29.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela