Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 4 k. 6-k. 7 isig. 3
  • Indlela Ongafunda Ngayo NgoNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongafunda Ngayo NgoNkulunkulu
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • UJehova Usithanda Ngaziphi Izindlela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Incwadi Evela KuNkulunkulu Onothando
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 4 k. 6-k. 7 isig. 3

ISIFUNDO 4

Indlela Ongafunda Ngayo NgoNkulunkulu

Ungamazi uJehova ngokufunda iBhayibheli. Endulo uNkulunkulu wakhetha abantu ukuba babhale phansi imicabango yakhe. Leyo mibhalo ibizwa ngokuthi iBhayibheli. Namuhla uNkulunkulu simazi ngokufunda iBhayibheli. Ngenxa yokuthi iBhayibheli liqukethe izwi likaJehova noma isigijimi sakhe, libizwa nangokuthi iZwi likaNkulunkulu. Singakukholelwa lokho iBhayibheli elikushoyo ngoba uJehova akawaqambi nhlobo amanga. ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Heberu 6:18) IZwi likaNkulunkulu liqukethe iqiniso.—Johane 17:17.

Umndeni ufunda iBhayibheli ndawonye

IBhayibheli lingesinye sezipho eziyigugu kunazo zonke ezivela kuNkulunkulu. Lifana nencwadi evela kubaba onothando eya ezinganeni zakhe. Lisitshela ngesithembiso sikaNkulunkulu sokushintsha umhlaba ube indawo enhle yokuhlala—ipharadesi. Lisitshela ngalokho akwenza esikhathini esidlule, lokho akwenzayo manje, nalokho ayokwenzela izingane zakhe ezithembekile esikhathini esizayo. Lisisiza nasekuxazululeni izinkinga zethu futhi sithole injabulo.—2 Thimothewu 3:16, 17.

OFakazi BakaJehova bangabangane bakaNkulunkulu; bayokusiza ukuqonde lokho iBhayibheli elikufundisayo. Batshele nje ukuthi ufuna ukufunda iBhayibheli. Abakhokhisi mali ngalokhu. (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, ungaya emihlanganweni yobuKristu. Iba sezindaweni zokukhulekela ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Uma uya emihlanganweni yobuKristu, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu luyokhula ngokushesha.

Ungafunda ngoNkulunkulu ezintweni azenzile. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Ngesikhathi uJehova edala “izulu,” wenza ilanga. Lokho kusitshelani-ke ngoNkulunkulu? Kusitshela ukuthi uJehova unamandla amakhulu. Uyena kuphela owayengenza into enamandla njengelanga. Kusitshela nokuthi uJehova uhlakaniphile, ngoba kwadingeka ukuhlakanipha ukuze kwenziwe ilanga, elikhipha ukushisa nokukhanya kodwa lona lingashi liphele.

Indalo kaJehova ibonisa ukuthi uyasithanda. Cabanga ngazo zonke izinhlobonhlobo zezithelo ezikhona emhlabeni. UJehova wayengasinikeza uhlobo olulodwa nje kuphela lwesithelo—noma angasinikezi nhlobo. Kunalokho, uJehova wasinikeza izinhlobo eziningi zezithelo ezakheke ngezindlela ezihlukahlukene, ezinobukhulu, imibala nokunambitheka okungefani. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova akayena uNkulunkulu onothando nje kuphela kodwa futhi uyaphana, uyacabangela futhi unomusa kakhulu.—IHubo 104:24.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela