Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 2 k. 4
  • UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaba Umngane KaJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • UJehova—Ingabe Ungumuntu Ojwayelene Naye Noma Ungumngane Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Ukuhlakulela Ubungane Obuhle Kakhulu Ezulwini Nasemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 2 k. 4

ISIFUNDO 2

UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo

Owesifazane ufunda iBhayibheli

Ukuba umngane kaNkulunkulu kuyinto engcono kakhulu ongayenza. UNkulunkulu uyokufundisa indlela yokujabula nokulondeka; uyokukhulula ezinkolelweni eziningi eziyiphutha nasemikhubeni elimazayo. Uyoyilalela imithandazo yakho. Uyokusiza ukuba ube nokuthula kwangaphakathi nokuqiniseka. (IHubo 71:5; 73:28) UNkulunkulu uyokusekela ngezikhathi zobunzima. (IHubo 18:18) Futhi uNkulunkulu ukunikeza isipho sokuphila okumi phakade.—Roma 6:23.

Umndeni uhlangana nomndeni ongabangane bakaNkulunkulu

Lapho usondela kuNkulunkulu, uyosondela nakubangane bakaNkulunkulu. Nabo bayoba abangane bakho. Eqinisweni, bayofana nabafowenu nodadewenu. Bayokujabulela ukukufundisa ngoNkulunkulu, bayokusiza futhi bakukhuthaze.

Asilingani noNkulunkulu. Njengoba wakha ubungane noNkulunkulu, kumelwe uqonde iqiniso elibalulekile. Ubungane noNkulunkulu akubona ubungane phakathi kwabantu abalinganayo. Mdala kakhulu, uhlakaniphe kakhulu futhi unamandla kakhulu kunathi. UnguMbusi wethu ofanelekayo. Ngakho uma sifuna ukuba abangane bakhe, kumelwe simlalele futhi senze lokho athi masikwenze. Ukwenza kanjalo kuyosizuzisa ngazo zonke izikhathi.—Isaya 48:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela