Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jv k. 5
  • Isandulela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isandulela
  • OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
jv k. 5

Isandulela

OFakazi BakaJehova bangabantu abaziwa kakhulu. Ukushumayela kwabo nendlela yokukhulekela kuye kwathinta ngokujulile amaqembu ezizwe nezinhlanga emhlabeni wonke futhi kuye kwamukelwa abantu abasha nabadala, kungakhathaliseki izinga lezomnotho nelemfundo. Intshiseko yabo njengabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu iye yabahlaba umxhwele ngisho nabagxeki babo. Uthando abathandana ngalo lwenza nabangebona oFakazi bafise sengathi ngabe nabanye abantu benza ngaleyondlela.

Nokho, abaningi basazibuza, ‘Bangobani ngempela oFakazi BakaJehova?’ Abanye baye babhala ngabo, kokunye bebabandlulula. Cishe bebengawazi wonke amaqiniso. Ngokuqinisekile, akekho omunye owazi umlando wabo wosuku lwanamuhla ngaphezu kwabo. Abahleli balomqulu baye balwela ukubeka amaqiniso njengoba enjalo nokunikeza umlando oqondile. Kubo bonke abakuqaphelayo lokho iBhayibheli elikubikezelela izinsuku zokugcina, uzoba ofundisayo ngempela lomlando wabantu abakukholelwa ngokuqinile lokho iBhayibheli elikushoyo futhi bashumayele ngakho.

Abanyathelisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela