“Qhubeka Ezintweni Owazifunda”
Yilokho umphostoli uPawulu akubhalela uThimothewu osemusha. (2 Thimothewu 3:14) Njengoba usuyifundile le ncwadi, usuyazazi izinto eziningi ezinhle uNkulunkulu azigcinele labo abamthandayo. Kodwa kudingeka uqhubeke uthuthuka ngokomoya. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza, uma engekho okusizayo kakade. Mane ubhalele oFakazi BakaJehova ekhelini elifanele kwangezansi, ucele ukwaziswa okwengeziwe noma ukuba omunye woFakazi BakaJehova afike kwakho ukuze nitadishe iBhayibheli njalo, mahhala.