Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 3 kk. 6-7
  • Esingakufunda Ezintweni Eziphilayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esingakufunda Ezintweni Eziphilayo
  • I-Phaphama!—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Waklanyelwa Ukuphila Phakade
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuhlolisisa Ngesibonakhulu
    I-Phaphama!—1999
  • Imibuzo Emibili Okufanelekile Ukuyibuza
    I-Phaphama!—2015
  • Ukuhlola Lokho Okungabonakali—Kwembulani?
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 3 kk. 6-7
Ingxenye yengqamuzana

Ingqamuzana lemvubelo liyinkimbinkimbi kakhulu. Maphakathi nengqamuzana ngalinye, kunomthetho olitshelayo ukuthi lenzeni. Ingqamuzana ngalinye linanezinto ezisamishini emincane ezigaya konke ezikutholayo ukuze kube ukudla okudingekayo ukuze liphile.

Esingakufunda Ezintweni Eziphilayo

Kuyo yonke indawo esizungezile izinto eziphilayo ziyakhula, ziqhubeke ziphila futhi zande. Zenza lo mhlaba wethu ube muhle kakhulu. Sekukuningi futhi abantu abakwaziyo namuhla ngezinto eziphilayo kunanini ngaphambili. Uma sibuka izinto eziphilayo, zisitshelani ngemvelaphi yazo? Cabanga ngalokhu okulandelayo.

Kubonakala sengathi izinto eziphilayo zadalwa. Izinto eziphilayo zakhiwa izingxenyana ezincane ezibizwa ngokuthi amangqamuzana. Ingqamuzana ngalinye kumele lenze izinto eziningi eziyinkimbinkimbi ukuze izinto eziphilayo ziqhubeke ziphila futhi zanda. Lokhu kwenzeka kuyo yonke into ephilayo. Ngokwesibonelo, ingqamuzana elilodwa lemvubelo yokwenza isinkwa liyinto encane kakhulu ephilayo. Uma liqhathaniswa nengqamuzana lomuntu, ingqamuzana lemvubelo lingase libonakale lingeyona inkimbinkimbi. Kanti liyinkimbinkimbi ngempela. Maphakathi nengqamuzana ngalinye, kunomthetho olitshelayo ukuthi lenzeni. Ingqamuzana ngalinye linanezinto ezisamishini emincane ezigaya konke ezikutholayo ukuze kube ukudla okudingekayo ukuze liphile. Uma ukudla kungekho liyayeka ukusebenza, kube sengathi lilele. Lokhu kwenza imvubelo yokubhaka ihlale isikhathi eside ekhabetheni, kuze kube yilapho iqala ukusebenza uma sekubhakwa.

Sekuyiminyaka ososayensi becwaninga indlela amangqamuzana emvubelo asebenza ngayo ukuze baqonde indlela amangqamuzana abantu asebenza ngayo. Kodwa kusekuningi abangakuqondi. “Abekho abacwaningi bezinto eziphilayo abanele ukuze senze ucwaningo esifuna ukulwenza ukuze siqonde into elula nje enjengemvubelo,” kubalisa uRoss King, onguprofesa eChalmers University of Technology yaseSweden.

Ucabangani? Ingabe ingqamuzana elincane lemvubelo eliyinkimbinkimbi libonisa ukuthi ukhona owalidala? Ucabanga ukuthi ingqamuzana lemvubelo lavele lazivelela nje?

Into ephilayo ingavela kuphela kwenye into ephilayo. Izakhi zofuzo zakhiwa izinhlayiyana ezibizwa ngokuthi ama-nucleotide. Ingqamuzana lomuntu ngalinye linama-nucleotide angamabhiliyoni angu-3,2. Lama-nucleotide ahlelwe ngononina ukuze akwazi ukutshela ingqamuzana ukuthi liwenze kanjani ama-enzyme namaprotheni.

Ososayensi bathi uma la ma-nucleotide abengahlangana ndawonye izikhathi eziyizigidigidi kunethuba elilodwa vo lokuthi angakha izakhi zofuzo. Lokhu kubonisa ukuthi kuyinto engenakwenzeka nhlobo.

Iqiniso liwukuthi akekho usosayensi oke wakwazi ukwenza into ephilayo ethathela entweni engaphili.

Ukuphila komuntu kuhlukile. Thina bantu sikwazi ukukujabulela nakakhulu ukuphila kunazo zonke ezinye izinto eziphilayo. Sinamakhono angcono kakhulu okwenza izinto, okuba nobudlelwane nabanye nawokuveza indlela esizizwa ngayo. Siyakujabulela ukunambitha, ukuzwa amaphunga, imisindo, ukuhlukanisa imibala nokubona izinto ezihlukahlukene. Siyakwazi ukuhlelela ikusasa, sifune nenjongo yokuphila.

Ucabangani? Ingabe lezo zinto savele saba nazo ngoba nje sizidinga ukuze siphile futhi sizale sande? Noma ingabe lokhu kubonisa ukuthi ukuphila kuyisipho esivela kuMdali onothando?

U-Adam​—irobhothi elenzelwe ukucwaninga ngamangqamuzana emvubelo

Leli robhothi elibizwa ngokuthi u-Adam licishe lilingane nemoto eyiveni encane. Linesiqandisi, izingalo zerobhoti, amakhamera, izinzwa namakhompyutha amane. Lo mshini oyinkimbinkimbi wenzelwa ukuba wenze ucwaningo olunzulu ngamangqamuzana emvubelo futhi uye wakwazi ukuzenzela lolu cwaningo ungasizwa muntu.

Usosayensi umi eduze kwerobhothi elibizwa ngokuthi u-⁠Adam elenzelwe ukuba licwaninge ngamangqamuzana emvubelo.

Uma ubungatshelwa ukuthi u-Adam wamane wazivelela, akekho umuntu owamenza, ingabe ubungakholwa? Cishe ubungeke. Ngisho namangqamuzana aphilayo angeyona inkimbinkimbi kangako, ayinkimbinkimbi kakhulu uma eqhathaniswa nerobhothi. Uma leli robhothi kwadingeka ukuba libe nomuntu olenzayo, kakhulu kangakanani-ke ngamangqamuzana aphilayo?

Thola izibonelo ezimangalisayo zokuhleleka kwezinto ezidaliwe. Funa izihloko namavidiyo okunesihloko esithi “Ingabe Kwadalwa?” ku-jw.org/zu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela