Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 1 kk. 8-9
  • Indaba KaRicardo Neka-Andres

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indaba KaRicardo Neka-Andres
  • I-Phaphama!—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngangizimbela Igodi”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • “Nganginolaka”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • Ukusuka Ekubeni Ibhubesi Elibhongayo Kuya Ekubeni Iwundlu Elimnene
    I-Phaphama!—1999
  • “Niye Nawushintsha Umbono Wami NgoFakazi BakaJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 1 kk. 8-9

BALWA NENKINGA

Indaba KaRicardo Neka-Andres

Imfundo evela eBhayibhelini inamandla okuthuthukisa ukuphila kwabantu. URicardo no-Andres bayizibonelo zalokho.

URICARDO: Ngajoyina iqembu lezigebengu ngineminyaka engu-15. Leli qembu langithonya kakhulu, kangangokuba ngazibekela umgomo wokuboshwa okungenani iminyaka eyishumi! Ngiyazi kuzwakala kuyinto engenangqondo, kodwa ngakithi babehlonishwa kakhulu abantu ababeke baboshwa. Nami ngangifuna leyo nhlonipho!

URicardo wayephatha isibhamu futhi ebhema, manje usenguFakazi KaJehova

Ngakwenza konke okwenziwa eqenjini lezigebengu, okuhlanganisa ukuya ocansini, ukudla izidakamizwa nokuba nodlame. Ngelinye ilanga, sadubulana nabathile. Ngangicabanga ukuthi ngizofa, kodwa angizange ngilimale. Ngemva kwalesi senzakalo ngacabangisisa ngokuphila kwami nemigomo yami, ngase nginquma ukushintsha indlela engangiphila ngayo. Kodwa ngangizokwenza kanjani lokho? Ngangizolutholaphi usizo?

Izihlobo zami eziningi zazingajabule. Ukuphila kwazo kwakunezinkinga. Kodwa umndeni womunye umalume wami wawuhlukile, wawulungile futhi uphila ngemithetho yeBhayibheli. Ngafundiswa yiwo ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Ngakho ngemva kokusinda ekudutshulweni, ngabiza uJehova ngegama ngamcela ukuba angisize. Ngamangala lapho ngosuku olulandelayo kungqongqoza uFakazi KaJehova emnyango wami! Ngaqala ukutadisha naye iBhayibheli.

Ngokushesha ngabhekana nenkinga enkulu. Abangane bami bakudala babengifonela, befuna ngibavakashele. Ngangenqaba, nakuba kwakungelula. Ngangizimisele ukuqhubeka ngitadisha iBhayibheli, futhi ngiyajabula ngalokho. Ukuphila kwami kwashintsha kakhulu, futhi sengithole injabulo yangempela.

Ngelinye ilanga ngangithandaza, ngabe sengikhumbula ukuthi ngake ngafisa ukuboshwa iminyaka eyishumi ukuze nje ngihlonishwe. Ngakho ngacela uNkulunkulu yona iminyaka eyishumi, kodwa kulokhu ngangifisa ukuyisebenzisa enkonzweni ukuze ngisize abantu bathole usizo nami engaluthola. UNkulunkulu wawuphendula umthandazo wami. Ngagcina ngingaboshwanga, kodwa sengiqede iminyaka engu-17 ngizinikele ekushumayezeni abantu!

Nokho, abangane bami abaningi bakudala basasejele. Abanye sebafa. Ngizibonga kakhulu izihlobo zami ezingoFakazi. Zazizimisele ukuhluka ukuze zenze lokho okushiwo iBhayibheli. Kwakuwumndeni engangiwuhlonipha ukwedlula iqembu lezigebengu engangikulo. Kodwa ngibonga nakakhulu uNkulunkulu, ongifundise indlela yokuphila engcono kakhulu.

U-ANDRES: Ngakhulela emphakathini ohluphekayo owawugcwele izidakamizwa, ukubanjwa kwenkunzi, ukubulawa kwabantu nokudayisa ngomzimba. Ubaba wayengumlutha wotshwala nesidakamizwa i-cocaine. Yena nomama babehlale bexabana futhi beshayana.

U-Andres wayentshontsha futhi ebhema, manje usenguFakazi KaJehova

Ngaqala ngisemncane ukuphuza utshwala nokusebenzisa izidakamizwa. Ngangichitha isikhathi esiningi ngihlala emgwaqweni, ngintshontsha bese ngidayisa izinto engizebile. Njengoba ngikhula, ubaba wenza imizamo yokuba sisondelane kodwa wayesebenzisa izindlela ezingafanele. Wangifundisa izindlela ezingekho emthethweni zokungenisa izidakamizwa nezinye izinto ezingavumelekile ezweni lethu, bese ngizidayisa. Ngangenza imali eningi ngokushesha. Ngelinye ilanga kwafika amaphoyisa ekhaya, angibopha. Ngabekwa icala lokuzama ukubulala, ngase ngigwetshwa iminyaka emihlanu ejele.

Ngelinye ilanga ekuseni, kwenziwa isimemezelo ejele kumenywa iziboshwa ezazithanda ukuba khona engxoxweni yeBhayibheli eyayizoba noFakazi BakaJehova. Nganquma ukuya. Ngakuthanda engakuzwa, ngakho nganquma ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Babengazami ukufihla lokho okwakushiwo imiBhalo, kunalokho bangibonisa indlela uNkulunkulu afuna abantu baziphathe ngayo.

Ngasheshe ngabona ukuthi ngangizodinga usizo ukuze ngikwazi ukushintsha ukuphila kwami, ikakhulukazi njengoba ezinye iziboshwa ezazingakuthandi engangikwenza zazingisongela. Ngakho ngathandazela amandla nokuhlakanipha, futhi uJehova wangisiza. Empeleni, wangipha isibindi sokuxoxa nezinye iziboshwa ngeBhayibheli.

Lapho sekufika isikhathi sokudedelwa ejele, ngangithuke kangangokuthi ngangifisa ukuhlala khona ngingaphumi. Lapho sengihamba, iziboshwa eziningi zangivalelisa. Ezinye zathi, “Uhambe kahle nceku yeNkosi.”

Kuyangithusa ukucabanga ngokuthi ukuphila kwami ngabe kunjani ukube ngakwenqaba ukufundiswa uNkulunkulu. Ngiswele amazwi okumbonga uNkulunkulu ngothando angibonisa lona, nokuthi akazange angibheke njengomuntu ongeke esasizakala.a

a Kunezinye izibonelo ongafunda ngazo ezibonisa ukuthi iBhayibheli linamandla okushintsha ukuphila, ezitholakala ku-jw.org/zu. Ngena ngaphansi kwesithi UMTAPO ufune izihloko eziwuchungechunge oluthi IBhayibheli Lishintsha Ukuphila.

IPHUZU ELIBALULEKILE

IBHAYIBHELI LINGAMSIZA UMUNTU OTHOBEKILE NOFUNA NGOBUQOTHO UKUSHINTSHA UKUPHILA KWAKHE. SELISIZE ABANINGI

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela