Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/15 kk. 8-9
  • AMAZWE NABANTU

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AMAZWE NABANTU
  • I-Phaphama!—2015
I-Phaphama!—2015
g 4/15 kk. 8-9
[Isithombe ekhasini 8]

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EHonduras

[Ibalazwe elisekhasini 8]

NGESPANISHI, elithi Honduras lisho “Ukujula,” okuyigama okungenzeka lasetshenziswa nguChristopher Columbus echaza amanzi asoGwini Lwe-Atlantic kuleli zwe. Abanye bathi iHonduras yalithola kanjalo leli gama.

Abantu baseHonduras bakwazisa kakhulu ukuba qotho nokubambisana emndenini. Ngokwesibonelo, izinqumo ezinkulu—njengeziphathelene nezindleko zasekhaya noma ukufundisa abantwana—zivame ukwenziwa yibo bobabili indoda nomkayo.

Iningi labantu baseHonduras lingama-mestizo, inhlanganisela yabantu baseYurophu nabomdabu. Bakhona nabomdabu abasasele abanye babo ababizwa ngamaChortí. Kanti abanye bomdabu baseHonduras, njengamaGarifuna okhokho babo babedabuka kwezinye izindawo.

[Isithombe ekhasini 9]

Umculi ongumGarifuna ushaya isigubhu

AmaGarifuna ayinzalo yabase-Afrika namaNdiya angamaCarib ayehlala esiqhingini i-St. Vincent. Cishe amaGarifuna afika ngonyaka ka-1797 e-Islas de la Bahía (eziqhingini zaseBay). Kamuva, ahlala oGwini lwe-Caribbean olusezwekazini eliseMelika Ephakathi. Kusukela lapho amaGarifuna agcina esesakazekela kuzo zonke izingxenye eziseNkabeni naseNyakatho yezwe laseMelika.

AmaGarifuna ayayithanda imidanso yaseshashalazini ehambisana nesigqi sezigubhu ezenziwe ngokhuni. Indlela yomdabu yokuphila kwawo ihlanganisa ukuvunula ngezimpahla ezigqamile, ukuxoxa izinganekwane nokudla okufana nokubizwa nge-ereba (ikhekhe elikhulu, eliyisicaba elenziwe ngezimpande zomdumbula).

Kunamabandla angaba ngu-400 oFakazi BakaJehova eHonduras. Imihlangano iqhutshwa ngeSpanishi nangesiGarifuna, ngoLimi Lwezandla LwaseHonduras, ngesiMiskito, ngesiNgisi, nangesiShayina okuthiwa isiMandarin.

[Isithombe ekhasini 9]

Ikhekhe elikhulu, eliyisicaba, okuthiwa i-Ereba, elenziwe ngomdumbula

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: 8 111 000

  • Inhloko-dolobha: ITegucigalpa

  • Uhulumeni: Owentando yeningi

  • Ulimi: ISpanishi

  • Isimo sezulu: Kufudumele, bese kuyaphola ngasezintabeni

  • Izwe: Amaphesenti angaphezu kwangu-75 ezwekazi anezintaba. Kukhona namathafa ngasogwini neziqhingi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela