Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/15 k. 6
  • Impendulo Okufanelekayo Ukuyicabangela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impendulo Okufanelekayo Ukuyicabangela
  • I-Phaphama!—2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukuhamba Kwazala Induna”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ungazitholaphi Izimpendulo?
    I-Phaphama!—2004
  • Yini Ngempela Eshiwo UGenesise?
    I-Phaphama!—1988
  • Do Jehovah’s Witnesses Believe in Creationism?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 1/15 k. 6

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENi | UKUPHILA KWAQALA KANJANI?

Impendulo Okufanelekayo Ukuyicabangela

NGEMVA kokuhlola ubufakazi, abantu abaningi baphetha ngokuthi ukuphila kwenziwa othile ophakeme nohlakaniphile. Cabanga ngesibonelo sika-Antony Flew, onguprofesa wefilosofi owake waba umsekeli oqavile wenkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho. Lapho efunda ngokuba yinkimbinkimbi okumangalisayo kwezinto eziphilayo kanye nemithetho yemvelo elawula indawo yonke, uFlew wawushintsha umbono wakhe. Ecaphuna indlela yokucabanga yezazi zefilosofi zasendulo, wabhala: “Kufanele sibamukele ubufakazi kungakhathaliseki ukuthi busiholelaphi.” Ngokukaprofesa uFlew, ubufakazi bakhomba ukuthi ukhona uMdali.

UGerard, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulolu chungechunge lwezihloko, naye wafinyelela esiphethweni esifanayo. Naphezu kwemfundo yakhe ephakeme kanye nokuba kwakhe semkhakheni wesayensi yezinambuzane, wathi: “Angibutholanga ubufakazi bokuthi ukuphila kwazivelela entweni engaphili. Ukuhleleka nokuba yinkimbinkimbi kwezinto eziphilayo kwangenza ngaqiniseka ukuthi kumelwe ukuba ukhona uMhleli noMklami wazo.”

Njengoba nje umuntu engase azi ngomdwebi ngokuhlola umsebenzi wakhe, uGerard waqonda izimfanelo zoMdali ngokufunda ngemvelo. UGerard wazinika nesikhathi sokuhlola incwadi ehlotshaniswa noMdali—iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Kulo, wathola izimpendulo ezanelisayo ngemvelaphi yesintu kanye nezisombululo ezisebenzayo zezinkinga abantu ababhekene nazo namuhla. Wabe eseqiniseka ukuthi iBhayibheli livela kumuntu ohlakaniphe kakhulu.

Njengoba uGerard athola, izimpendulo zeBhayibheli zikufanele ukucatshangelwa. Siyakukhuthaza ukuba nawe uzihlolele zona mathupha.

Ingabe Bewazi?

IBHAYIBHELI ALIMELENE NESAYENSI. Ngokuphambene nalokho, likhuthaza abantu ukuba bahlolisise imvelo. (Isaya 40:26) Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, liyavumelana namaqiniso embulwa yiyo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli aliwusekeli umqondo wokuthi umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24. Igama elithi “usuku” elisetshenziswe kuGenesise libhekisela enkathini ende yesikhathi.a

a Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? enyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi iyatholakala nasengosini ye-Internet ethi www.jw.org/zu.

IBhayibheli Lifundisa Ukuthi . . .

UKUPHILA KUVELA KOKUNYE UKUPHILA. “Ukuwe [Nkulunkulu] umthombo wokuphila.”—IHubo 36:9.

UNKULUNKULU WENZA IZITSHALO NEZILWANE “NGEZINHLOBO ZAZO.” (Genesise 1:11, 12, 21, 24, 25) IBhayibheli aliyisho imingcele yalezi “zinhlobo.” Lokhu kuvumela ukuba kube khona ukuhlukahluka okuthile ohlotsheni ngalunye.

UNKULUNKULU WADALA ABANTU BENEKHONO LOKUBONISA IZIMFANELO ZOKUZIPHATHA EZIFANA NEZAKHE. Lezi zimfanelo zihlanganisa uthando, ubuhle nobulungisa. “UNkulunkulu wathi: ‘Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi.’”—Genesise 1:26.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela