Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/14 k. 2
  • Iyini Impumelelo Yangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyini Impumelelo Yangempela?
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela
    I-Phaphama!—2014
  • Thola Impumelelo Yangempela Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
  • Impumelelo—Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 10/14 k. 2
Owesifazane ophethe indebe

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Iyini Impumelelo Yangempela?

YINI engaba yimbi kakhulu kunokungaphumeleli? Yimpumelelo yokuzikhohlisa. Uma wehluleka uzamile, ungathatha izinyathelo ezithile ukuze ulungise isimo. Okungenani, ungafunda kulokho okwenzekile futhi unqume ukwenza kangcono ngesikhathi esilandelayo.

Impumelelo yokuzikhohlisa yona ihlukile. Ngaphansi kwethonya layo, ungacabanga ukuthi uyaphumelela kuyilapho empeleni wehluleka. Kuyothi lapho usubona isidingo sokwenza ushintsho, mhlawumbe kungabe sekwephuze kakhulu.

Cabanga ngalesi sibonelo. UJesu Kristu wake wabuza: “Kuyoba nanzuzoni kumuntu uma ezuza izwe lonke kodwa alahlekelwe umphefumulo wakhe?” (Mathewu 16:26) Lawo mazwi angasebenza kahle kulabo abazimisele ukugijimisa imali nazo zonke izinto ezingathengwa ngayo​—isibonelo esiyifanekisela kahle impumelelo yokuzikhohlisa. UTom Denham, ongumeluleki ngezomsebenzi wabhala, “Ukuhlale ucabanga ngokukhushulelwa esikhundleni esingcono, ukwenza imali eningi noma ukuzitholela izinto ezengeziwe, akuwanelisi umphefumulo. Kuyize ukumane ulinganise impumelelo ngemali onayo futhi lokho kuyokwenza ungajabuli ngokuhamba kwesikhathi.”

Akungabazeki ukuthi abaningi namuhla bangavumelana nalokhu. Kwenye inhlolo-vo eyenziwa e-United States, “ukuba nemali eningi” kwaba sendaweni yama-20 ohlwini lwezinto ezingu-22 “ezinomthelela ekuphumeleleni ekuphileni.” Izinto ezaziphezulu kulolo hlu, kwakuyizinto ezifana nokuba nempilo enhle, ubuhlobo obuhle nabanye kanye nokwenza umsebenzi owuthandayo.

Kuyacaca ukuthi abantu abaningi bayawazi umehluko phakathi kwempumelelo yokuzikhohlisa nempumelelo yangempela​—okungenani lapho bebuzwa. Nokho, kuba inselele kakhudlwana ukwenza izinqumo ezibonisa ukuba nombono ofanele ngempumelelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela