Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/14 k. 16
  • Iphiko Lovemvane Elibamba Ukukhanya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphiko Lovemvane Elibamba Ukukhanya
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iphiko Lovemvane
    I-Phaphama!—2014
  • Izimpiko Zovemvane
    I-Phaphama!—2012
  • Usuku Ekuphileni Kovemvane
    I-Phaphama!—1993
  • Izifundo Zami ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 8/14 k. 16
Uvemvane

INGABE LAKLANYWA?

Iphiko Lovemvane Elibamba Ukukhanya

UKUZE banciphise izinga abantu abathembele ngalo emalahleni, kuwoyela negesi, ososayensi bamagange ngokuthuthukisa izinga lokusebenza kwama-solar. Usosayensi othile wathi, “Ikhambi lale nkinga kungenzeka belilokhu . . . likhona kanye phambi kwamehlo ethu.”

Iphiko lovemvane elinamazenga anezimbotshana ezilandelanayo

Iphiko lovemvane elinamazenga anezimbotshana ezilandelanayo ezifana nezekhekheba lezinyosi

Cabanga ngalokhu: Ukuze zihlale zifudumele lapho kubanda, izimvemvane zeneka izimpiko zazo elangeni. Izimpiko zezinye izinhlobo zezimvemvane okuthiwa ama-swallowtail zikwazi ukubamba nokugcina ukukhanya kwelanga ngendlela ephawulekayo. Imfihlo yalesi sinambuzane ayilele nje kuphela ebaleni laso elithi alibe mnyama, kodwa futhi nasemazengeni alekene angabonakali ngeso lenyama amboze izimpiko zaso. La mazenga, wona anezimbotshana ezilandelanayo ezifana nezekhekheba lezinyosi ezihlukaniswe okuthile okume njengo-V obheke phansi okwenza ukuba ukukhanya kungene kulezi zimbobo. Lo mklamo onobuhlakani obukhulu ubamba ukukhanya kwelanga, wenze izimpiko zibe mnyama kakhulu futhi umphumela ube ukufudumala kovemvane ngendlela emangalisayo.

I-Science Daily ithi, “Izimpiko zovemvane cishe ziphakathi kwezinto ezintekenteke kakhulu ezintweni zemvelo, kodwa ziye zanika abacwaningi ugqozi lokwenza izinto zobuchwepheshe ezikhiqiza igesi okuthiwa yi-hydrogen ngokuphindwe kabili—umthombo wamandla ohlanzekile wesikhathi esizayo—kusetshenziswa amanzi nokukhanya kwelanga.” Ezinye izinto ezingase zenziwe zihlanganisa amathuluzi okubona nawokubamba ukukhanya kwelanga.

Ucabangani? Ingabe ukwakheka kwephiko lovemvane okubamba ukukhanya kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe kwaklanywa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela