Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/14 kk. 12-13
  • Ukuvakashela ECambodia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela ECambodia
  • I-Phaphama!—2014
I-Phaphama!—2014
g 4/14 kk. 12-13
Amasimu elayisi eCambodia

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ECambodia

Ibalazwe laseCambodia

IMIZI EYAKHIWE EMANZINI, izimakethe eziphithizelayo nemigwaqo egcwele izithuthuthu ezithwala yonke into, kusukela ezinkukhwini kuya eziqandisini​—lezi ezinye zezinto ozibonayo nemisindo oyizwayo ezingxenyeni ezithile zeCambodia.

Abantu baseCambodia baziwa ngokuthanda abantu, ubungane nangokusekelana. Ngokuvamile, bangase babizane ngokuthi mfowethu, dadewethu, anti, malume, gogo noma mkhulu​—ngisho noma beqala ukubonana!

Indlu eyakhelwe phezu kwezingodo ezigxunyekwe emanzini

Abanye abantu baseCambodia bahlala ezindlini eziyizikebhe, kanti abanye bahlala ezindlini ezakhiwe phezu kwezingodo ezinde ezisemanzini noma phezu kokuthile okuntantayo. Kukhona ngisho nezikole, imitholampilo, izimakethe namagalaji kaphethiloli okwakhiwe phezu kwamanzi

Isithelo okuthiwa i-Dragon

Isithelo okuthiwa yi-dragon siyathandwa eCambodia

Ilayisi liyingxenye eyinhloko yokudla kwaseCambodia. Isidlo esivamile siba yizinhlobo ezintathu noma ezine zokudla, ngokuvamile okuhambisana nesobho. Inhlanzi iyathandwa kuleli zwe. Kuvamile ukuba kuhlanganiswe ukudla okunoshukela, okumuncu nokunosawoti.

Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, izihambeli zenkolo nabathengisi baseNdiya ababelibangise eChina, baqala ukuvakashela ogwini lwaseCambodia behweba ngosilika nensimbi ukuze bathole izinongo, ukhuni olunephunga elimnandi, izinyo lendlovu negolide. Ngokuhamba kwesikhathi, abantu baseCambodia bathonywa amaNdiya namaShayina futhi ngenxa yalokho inkolo yobuHindu neyobuBuddha yachuma kuleli zwe. Namuhla, abantu abangamaphesenti angaphezu kuka-90 bangamaBuddha.

OFakazi BakaJehova bahlanganyela umyalezo wethemba ovela eBhayibhelini nabantu baseCambodia. Baye basiza abantu abaningi besebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Itholakala ngezilimi ezingaba ngu-250, kuhlanganise nesiCambodia.

OFakazi BakaJehova beshumayela umyalezo wethemba oseBhayibhelini kowesilisa waseCambodia

Bangaphezu kuka-1 500 abantu baseCambodia abafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi bathole izimpendulo zemibuzo efana nothi, “Bakuphi abafileyo?” kanye nothi “Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba?”

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: Babalelwa ezigidini ezingu-14

  • Inhloko-dolobha: IPhnom Penh

  • Isimo sezulu: Lifudumele libuye lishise, kanti kunenkathi yezimvula libuye lomise

  • Izinto ezithunyelwa kwamanye amazwe: Izingubo zokugqoka, ipulangwe, injoloba nelayisi

Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ngesiCambodia

Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova iyatholakala ngesiCambodia (eboniswe kulesi sithombe).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela