Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/13 kk. 12-13
  • Ukuvakashela E-Azerbaijan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela E-Azerbaijan
  • I-Phaphama!—2013
I-Phaphama!—2013
g 7/13 kk. 12-13

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Azerbaijan

I-AZERBAIJAN iyizwe elikhulu emazweni amathathu aseNingizimu yeCaucasus. Eminyakeni engaba inkulungwane eyedlule, izizwana ezikhuluma isiTurkic zaqala ukuzinza ngobuningi kule ndawo. Lezo zifiki zamukela amasiko endawo, kwathi nabomdabu bakule ndawo bamukela amasiko azo. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi ulimi lwase-Azerbaijan luhlobene kakhulu nolimi lwesiTurkish nolwesiTurkmen.

Abantu base-Azerbaijan ababizwa ngokuthi ama-Azeri baziwa ngokuba nomdlandla nobungane. Imindeni isondelene kakhulu futhi izihlobo ziyasizana ngezikhathi ezinzima.

Laba bantu bayawuthanda umculo nezinkondlo. Kolunye uhlobo lomculo okuthiwa i-mugam, umculi uhaya izinkondlo zama-Azeri ehambisana nezinsimbi zomculo ezihlukahlukene. Umculi we-mugam kufanele abe nolwazi oluhle lwendlela yomdabu yalo mculo futhi abe yigagu.

Itiye liyingxenye ebalulekile ekuphileni kwabantu base-Azerbaijan

Itiye liyingxenye ebalulekile ekuphileni kwabantu base-Azerbaijan. Leli tiye liphuzelwa ezingilazini ezimise okwegonandoda, lifakwe iqhezu likashukela, mhlawumbe lihambisane namantongomane okuthiwa ama-pistachio, ama-alimondi kanye namagilebhisi omisiwe. Izitolo zetiye zitholakala ngisho nasemadolobheni amancane kakhulu.

OLwandle iCaspian, ngasempumalanga yezwe, kuhlala inhlanzi okuthiwa i-sturgeon. I-beluga sturgeon ingaphila iminyaka engaphezu kwekhulu. Enye yezinkulu kakhulu kwezake zabanjwa, yayingamamitha angu-8,5 ubude futhi inesisindo esingamakhilogremu angu-1 297! Lezi zinhlanzi zithandwa kakhulu ngenxa yamaqanda azo enza isidlo esithandwayo nesibizayo okuthiwa yi-black caviar.

Ama-Azeri angabantu abathanda inkolo nabathandayo ukukhuluma ngoNkulunkulu. Iningi labo lingamaSulumane. Zikhona nezinye izinkolo, kuhlanganise noFakazi BakaJehova abangaphezu kwenkulungwane—iningi labo elingabomdabu base-Azerbaijan.

Abaculi bomculo womdabu wama-Azeri

INGABE BEWAZI?

OFakazi BakaJehova bafunda iBhayibheli nezigidi zabantu emhlabeni jikelele, besenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Itholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-250, kuhlanganise nesi-Azerbaijani.

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: 9 000 000

  • Inhloko-dolobha: IBaku

  • Ulimi lwezwe: Isi-Azerbaijani

  • Imikhiqizo ethunyelwa kwamanye amazwe: Uwoyela ongahluziwe

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela