Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/13 kk. 12-13
  • Ukuvakashela E-Indonesia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela E-Indonesia
  • I-Phaphama!—2013
I-Phaphama!—2013
g 4/13 kk. 12-13

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Indonesia

I-INDONESIA yakhiwa iziqhingi ezingaba ngu-17 000. Abantu bakhona baziwa kakhulu ngokuba nobungane, isineke, inhlonipho nomoya wokungenisa izihambi.

Ngokuvamile e-Indonesia kudliwa ilayisi nokunye ukudla okuvame ukuba nezinongo, kanye nezithelo. Kwezinye izindawo, imikhaya idla ihleli ecansini, isebenzise iminwe ukuze ifake ezinye izinhlobo zokudla elayisini. Iningi labantu base-Indonesia lithi ukudla ngale ndlela kwenza ukudla kunambitheke kangcono.

Isithelo okuthiwa i-durian sinokhilimu oconsisa amathe ngaphakathi futhi abaningi bayasithanda naphezu kwephunga laso elibi

Abantu base-Indonesia bayazithanda ezobuciko, ukudansa nomculo. I-angklung iyithuluzi lomculo elivamile e-Indonesia; yenziwe ngamapayipi oqalo alengayo aboshelwe ohlakeni. La mapayipi enziwe ngendlela yokuba akhiphe umsindo noma imisindo edlala kanye kanye lapho enyakaziswa. Ukuze badlale ingoma ethile, abadlali abaningana kumelwe bahambisane, ngamunye anyakazise i-angklung yakhe ngesikhathi esifanele.

I-orangutan—evame kakhulu emahlathini emvula aseSumatra naseBorneo—iyisilwane esikhulu kunazo zonke emhlabeni ezilwaneni ezihlala ezihlahleni. Ikhonde eselikhule ngokugcwele lingase libe nesisindo esingamakhilogremu angu-90 nezingalo ezingafinyelela emamitheni amabili ubude

Kuze kwaba sekhulwini le-15, i-Indonesia ithonywe kakhulu ubuHindu kamuva kwaba ubuBuddha. Ngekhulu le-16, ubuSulumane base bulithonyile isiko lase-Indonesia. Abantu baseYurophu ababefuna izinongo bafika khona ngekhulu le-16 futhi bafika nezinkolo zabo zeLobukholwa.

Njengoba oFakazi BakaJehova baziwa umhlaba wonke ngomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli, bebelokhu besebenza e-Indonesia kusukela ngo-1931. Njengamanje, bangaphezu kuka-22 000 futhi benza imizamo yokushumayela kubantu abayizithulu. Muva nje, bangaphezu kuka-500 abantu abayizithulu abaye baba khona emhlanganweni okhethekile wolimi lwezandla woFakazi BakaJehova wokukhumbula ukufa kukaJesu Kristu.

HLOLA ULWAZI LWAKHO

Ucabanga ukuthi yini etholakala e-Indonesia kulokhu okulandelayo?

  1. izinhlobo zezitshalo ezingu-20 000

  2. izinhlobo zezilwane ezincelisayo eziningi kunazo zonke emhlabeni

  3. imbali enkulu kunazo zonke emhlabeni

  4. imbali ende kunazo zonke emhlabeni

Impendulo: Yikho konke lokhu okune. Imbali enkulu kunazo zonke emhlabeni ingamasentimitha angu-91 ububanzi kanti ende kunazo zonke iphakeme ngamamitha amathathu.

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: 237 600 000

  • Inhloko-dolobha: IJakarta

  • Isimo sezulu: Kuyashisa

  • Imikhiqizo ethunyelwa kwamanye amazwe: Amafutha esundu, injoloba, uwoyela ongahluziwe namalahle

  • Izilimi ezikhulunywayo: Isi-Indonesia kanye namakhulu ezilimi ezikhulunywa ezifundeni kanye nezilimi zezigodi

  • Inkolo: EyobuSulumane ngokuyinhloko (amaphesenti angu-88)

I-Phaphama! inyatheliswa ngezilimi ezingu-98, kuhlanganise nesi-Indonesia (esibizwa nangokuthi isiBahasa Indonesia)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela