Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/12 k. 4
  • 1 Cela Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1 Cela Usizo
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abazali Abangabodwa, Indathane Yezinselele
    I-Phaphama!—2002
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Imikhaya Enomzali Oyedwa Ingaphumelela!
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 11/12 k. 4

1 Cela Usizo

Cela usizo ezihlotsheni nakubangane ongabethemba

“Sinabangane abahle kakhulu ebandleni lakithi. Banothando futhi bayasisekela. Sizizwa sisekhaya ngempela.”—ULIZAAN, UMAMA WEZINGANE EZIMBILI EZEVILE ESHUMINI NAMBILI.

Inselele.

U-Alina, onabafanyana ababili, uthi: “Izinselele ezinkulu engibhekene nazo, ukukhathala nokuhlale ngingenasikhathi.” Isimo sika-Alina sivamile komama abangabodwa. Yingakho abazali abaningi abangabodwa bakha iqembu lokusekelana—iqembu labantu abangacela kubo usizo ngaphandle kokuzizwa benamahloni.

Ukusikisela.

Cela usizo ezihlotsheni nakubangane ongabethemba. Kungani ungenzi uhlu lwabantu ongacela kubo usizo, kungaba olokukubhekela izingane, olwento yokuhamba, olokugcina indlu isesimweni esikahle noma olokukusekela ngokomzwelo? Hlale unohlu lwamuva lwabantu abanjalo. Thola nokuthi iluphi usizo olutholakala ezinhlanganweni zikahulumeni nezizimele.

URenata, ongomunye woFakazi BakaJehova, uye wasizwa kakhulu amaKristu akanye nawo. Uthi, “Bahlale bekulungele ukungisiza. Lapho mina namantombazanyana ami amabili aneminyaka engu-9 siphethwe umkhuhlane, ngangingakwazi ngisho nokupheka. Lathi lingezwa nje ibandla ngalokho, kwaba nothile osilethela ukudla nsuku zonke.” Umusa onjalo usikhumbuza amazwi atholakala eBhayibhelini kweyoku-1 Johane 3:18: “Bantwanyana, masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.”

Ingabe umzali ongahlali nengane angasiza? Uma omunye umzali, ngokuvamile ubaba, enelungelo elingokomthetho lokuvakashela ingane, enokwethenjelwa futhi ezimisele ukusiza, kungani ungamceli ukuba akulekelele? Kakade izingane ziyakudinga ukuchitha isikhathi noyise.a

Qeqesha izingane zakho ukuba zisize. Uma unika izingane imisebenzi elingana namandla azo, uzisiza wena kanye nazo. Umsebenzi ufundisa izingane ukuba zikwazi ukuzimela kanti imikhuba emihle yokusebenza iyoba usizo kakhulu lapho sezikhulile.

a Abazali abangamaKristu kufanele baqikelele ukuthi basebenzisa izimiso zeBhayibheli ezimweni ezinjengalezi futhi bacabangele izingane. Izinqumo zenkantolo kufanele zihlonishwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela