Ukukusiza Ukuze Uphumelele Esikoleni
● Ngingabhekana kanjani nokucindezeleka kwasekilasini?
● Ngingawathuthukisa kanjani amamaki ami?
● Ngingasebenzelana kanjani nothisha olukhuni?
● Ngingayifinyelela kanjani imigomo yami?
Lezi ezinye nje zezihloko okuxoxwa ngazo encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1 no-2.
Kulezi zincwadi uzothola nezeluleko ezisekelwe eBhayibhelini mayelana nabangane bakho, imizwelo yakho nangobuhlobo bakho nabobulili obuhlukile.