Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/12 k. 4
  • Hleleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hleleka
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingawenza Kanjani Umsebenzi Wami Wesikole Ngiwuqede?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingasitholaphi Isikhathi Sokwenza Umsebenzi Wesikole Ekhaya?
    I-Phaphama!—2004
  • ‘Nginomsebenzi Omningi Kakhulu!’
    I-Phaphama!—2009
  • Yini Engingayenza Ngomsebenzi Wesikole Omningi Kangaka?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 10/12 k. 4

Hleleka

Umzamo omncane odingekayo ukuze uhleleke ungaba nomvuzo omkhulu—uba nesikhathi esithé xaxa, ukucindezeleka kuyancipha nemiphumela iba ngcono.

ZICABANGE ungena esitolo uyothenga into eyodwa, kodwa zonke izinto ezidayiswayo zihlakazekile azibekiwe ngendlela ehlelekile. Kungakuthatha isikhathi esingakanani ukuthola leyo nto oyifunayo? Bekungeke yini kube lula uma izinto zihlelwe kahle nezimpawu emaphasishi zibhalwe ngokucacile? Ungawubheka ngendlela efanayo umsebenzi wakho wesikole. Kanjani?

Yiba nesimiso.

“Ngesinye isikhathi ngakhohlwa nyá ukwenza umsebenzi wesikole—futhi ngangayenza nemisebenzi yami yasekhaya—ngoba ngangivakashele umngane wami impelasonto yonke,” kusho uZachary wase-United States oneminyaka engu-18. “NgoMsombuluko kwadingeka ngincenge uthisha ukuba angivumele ngiwulethe ngesinye isikhathi umsebenzi. Manje sengenza uhlu lwezinto okufanele ngizenze, okungisiza ukuba ngizikhumbule.”

Ukubhala izinto phansi kwasiza noCelestine, intombazane yasePapua New Guinea. Uma ecabanga ngesikhathi esafunda uthi: “Ngangigcina uhlelo lwakho konke engangikwenza, kuhlanganise umsebenzi wesikole, izivivinyo nemicimbi yokuzijabulisa. Ukwenza lokhu kwangisiza ngahlela kahle izinto eziza kuqala futhi ngakwazi ukufeza izinto ngesikhathi.”

Icebiso: Bhala izinto okufanele uzenze encwadini yokubhala amaphuzu noma kumakhalekhukhwini nakwezinye izinto ezifana nalezi.

Ungahlehlisi.

Kulula ukuthi, “Ngizobuye ngikwenze.” Kungcono ukwenza izinto ngokushesha ngangokunokwenzeka—ikakhulukazi umsebenzi wesikole.

Icebiso: Kwenze umkhuba ukwenza umsebenzi wakho wesikole uma ufika nje ekhaya, ngaphambi kokuba uvule ithelevishini noma wenze noma yini enye ewukuzilibazisa.

Hlela izinto zesikole.

Wake wafika ekilasini wathola ukuthi ukhohlwe incwadi yokubhala amaphuzu, ipeni noma izincwadi? Ungakugwema konke lokhu! Kanjani? U-Aung Myo Myat, insizwa yaseMyanmar, uthi: “Njalo ngangipakisha isikhwama sami kusenesikhathi.”

Icebiso: Gcina isikhwama sakho noma ujosaka wesikole sihlanzekile futhi sihlelekile ukuze ukwazi ukuthola izinto kalula.

Iphuzu eliyinhloko: Ukuhleleka kuyokusiza ukuba ungakhohlwa izinto, ungephuzi ukufika esikoleni futhi ungaziboni ungasenaso isikhathi esanele sokwenza izinto ezibalulekile.

Kungani ungaqali manje? Cabanga ngesici esithile okudingeka uhleleke kuso. Ngemva kwalokho, wena nomzali wakho noma umngane cabangani ngezindlela ezingakwenza uthuthuke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela