Umhlaba Oguquliwe—Ingabe Uyoke Uwubone?
● Izihloko ezisekuqaleni kule Phaphama! zikhuluma ngesifiso abantu abanaso emhlabeni jikelele—isifiso sezwe elingcono. Ingabe likhona ithemba lokuthi uyoke uyibone into enjalo?
OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bakholelwa ukuthi iBhayibheli lingasisiza siqonde ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Liwukuphela kwencwadi engcwele echaza umlando wesintu kusukela ekuqaleni kwawo. IBhayibheli lisitshela nokuthi ikusasa lisiphatheleni—futhi akulona ikusasa elifiphele elicatshangwa abaningi.
Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba? Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ingakusiza. Inyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi manje isitholakala ngezilimi ezingu-244.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.