Umbheka Kanjani UJesu?
Ingabe uthambekele ekubhekeni uJesu njengosana olusanda kuzalwa, umuntu ofayo noma iNkosi ephakeme?
IBhayibheli lembula ukuthi uJesu uyiNkosi enamandla. Kodwa lokhu kusho ukuthini ngawe?
Abaningi bakholelwa ukuthi uJesu wabafela. Nokho, ukufa komuntu oyedwa okwenzeka eminyakeni engu-2 000 edlule kungabanika kanjani ukuphila abanye namuhla?
Umenywa ngokufudumele ukuba uzozizwela izimpendulo ezingokomBhalo zale mibuzo. Lokhu kwaziswa kuzonikezwa lapho oFakazi BakaJehova bebuthanela ukukhumbula ukufa kukaJesu. Kulo nyaka lo mkhosi uzoba ngoLwesine, April 5, ngemva kokushona kwelanga.
Siza ukhulume noFakazi BakaJehova bangakini mayelana nesikhathi nendawo.