“Le Ncwadi Iyingqayizivele”
● Ungathanda yini ukufunda ngokuphila kukaJesu Kristu kwasemhlabeni, kuhlanganise nezimfundiso zakhe eziguqula ukuphila nemifanekiso engalibaleki? Uma kunjalo, uyacelwa ukuba ufunde incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
Ngemva kokufunda le ncwadi, umfundi onokwazisa wathi: “Njengoba ibhalwe ngendlela elula kodwa eyembula kahle imininingwane ephathelene nokuphila kweNkosi yethu lapho isesemhlabeni, le ncwadi iyingqayizivele.”
Ngokolwazi lwethu, izenzakalo ezikule ncwadi zilandiswa ngokulandelana kwazo. Isekelwe emiBhalweni ephefumulelwe ngokwaphezulu yabantu abane abaphila ngesikhathi sikaJesu, abalobi bamaVangeli uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. UMathewu noJohane babengabaphostoli futhi babehamba noJesu. UMarku wayengumngane omkhulu kaPetru, omunye wabaphostoli bakaJesu. Kanti udokotela uLuka wayehamba nomphostoli ongumKristu uPawulu.
Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.