Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/11 k. 32
  • Umkhulu Wakhe Wayesanda Kushona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umkhulu Wakhe Wayesanda Kushona
  • I-Phaphama!—2011
I-Phaphama!—2011
g 11/11 k. 32

Umkhulu Wakhe Wayesanda Kushona

● Indoda ethile yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseMexico, yathi, “Angiyena omunye woFakazi BakaJehova kodwa ngiyabathanda omagazini benu. Omunye wabo ukhulume ngencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Le ncwajana iye yangikhanga. Kuqondane nokuthi umkhulu usanda kushona. Ngingathanda ukuthola ezingu-8 zalezi zincwajana ngizinike umndeni wami ukuze ngiwududuze.”

Incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo inezimpendulo zemibuzo enjengethi: Ngingaphila kanjani nosizi engikulo? Nothi, Likhona yini ithemba ngabafileyo? Inikeza incazelo yeBhayibheli ngokuthi kuyini ukufa nokuthi lithini iBhayibheli ngesimo sabafile. Ikhuluma nangesithembiso sikaNkulunkulu asenze ngoJesu Kristu, sokuvusela abantu ekuphileni emhlabeni ohlanziwe noyipharadesi.

Ungacela ikhophi yale ncwajana ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwajana eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela