Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/11 kk. 13-15
  • Lokho Okushiwo Abazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Okushiwo Abazali
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Uqeqeshe Izingane Zakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukukhulisa Izingane Kusukela Ziseyizinsana Zize Zikhule
    I-Phaphama!—2011
  • Abazali Abangabodwa, Indathane Yezinselele
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 10/11 kk. 13-15

Lokho Okushiwo Abazali

Njengoba izingane zakho zikhula, ungazisiza kanjani zifunde ukubaluleka kokulalela? Ungazifundisa kanjani amakhono asebenzisekayo njengoba zikhula ziba abantu abadala? Phawula lokho okushiwo abazali abavela ezingxenyeni ezihlukene zomhlaba.

AMAKHONO OKUSEBENZELANA NABANTU NAWEMISEBENZI YASEKHAYA

“Lapho sidla ndawonye futhi sixoxa ngezenzakalo zosuku, ingane ngayinye ifunda ukulalela. Ukubona umama nobaba belalele ngesineke, kuzenza zihloniphane futhi zizihloniphe nazo ngokwazo.”—URichard, eBrithani.

“Kuyaduduza ukubona izingane zethu ziphathana ngenhlonipho nokuzibona zilungisa ukungezwani phakathi kwazo ngaphandle kokungenela kwethu. Zikhuluma ngokuzethemba ngisho nalapho zikhuluma nabantu abadala.”—UJohn, eNingizimu Afrika.

“Ngiyawenza amaphutha futhi ngezinye izikhathi ngizizwisa ubuhlungu izingane zami ngingaqondile. Uma lokho kwenzeka, kubaluleke kakhulu ukuba ngixolise ngephutha engilenzile.” —UJanelle, e-Australia.

“Izingane zethu siziqeqesha ukuba zenze imisebenzi yasekhaya. Ukuzifundisa ukwenza imisebenzi ezuzisa abanye kusiza umkhaya ukuba uqhubeke kahle futhi ube nokuthula, kunike nezingane zethu umuzwa wokwaneliseka ngezikufezile.”—UClive, e-Australia.

“Akulula kodwa kubalulekile ukuzifundisa ukuthi zingabonisa kanjani ukuqonda, inhlonipho futhi zixolelane.”—UYuko, eJapane.

INHLANZEKO NEMPILO

“Lapho izingane zethu zisencane, sazifundisa ukugeza futhi sasikwenza kube samdlalo ngokusebenzisa insipho ebunjwe yaba imifanekiso yezinto zokudlala, i-shampoo esebhodleleni elidwetshwe opopayi neziponji ezimise okwezilwane ezincane.”—U-Edgar, eMexico.

“Ngenkathi sisahlala endaweni engenabo ompompi, ngangiqiniseka njalo ukuthi kunensipho nebhakede lamanzi endaweni ekahle ukuze sigeze izandla ngaphambi kokuba singene endlini.”—U-Endurance, eNigeria.

“Sinika izingane ukudla okunempilo nsuku zonke futhi sizichazele ukuthi kungani kubalulekile ukudla ukudla okunomsoco owanele. Izingane zithanda ukwazi ngezithako ezihlukahlukene ezifakwa ekudleni, ngakho ngiyaye ngithi azingisize uma ngipheka. Isikhathi esisichitha senza lokhu sisinika nethuba lokuxoxa.”—USandra, eBrithani.

“Ukuvivinya umzimba kubalulekile, futhi njengabazali sizama ukubeka isibonelo esihle. Izingane zethu ziyajabula uma sigijima, sibhukuda, sidlala ibhola lomphebezo noma i-basketball nalapho sigibela amabhayisikili ndawonye njengomkhaya. Ziyafunda ukuthi ukuvivinya umzimba akuyona into ebalulekile nje kuphela kodwa futhi kuyajabulisa.”—UKeren, e-Australia.

“Into izingane eziyidinga kakhulu, ukuba nesikhathi nabazali bazo. Akukho okungathatha indawo yalokho—kungaba imali, izipho noma ukuvakasha. Ngamukela imisebenzi yasekuseni kuphela ngesikhathi izingane zisesikoleni. Khona-ke, ntambama ngiyakwazi ukuchitha isikhathi sami nazo.”—URomina, e-Italy.

ISIYALO

“Siye sathola ukuthi ayikho indlela yokuyala ingane okuyiyona engcono kunazo zonke; kuya ngezimo. Ngezinye izikhathi isiyalo sihilela ukuthululelana izifuba kanti ngezinye izikhathi singasho ukugodlela ingane amalungelo athile.”—U-Ogbiti, eNigeria.

“Sitshela izingane zethu ukuthi maziphinde zisho lokho esizitshele kona ukuze siqiniseke ukuthi zizwe kahle. Sibe sesiqiniseka ukuthi kwenzeka njengoba sishilo. Uma sifuna izingane zethu zenze lokho esikushoyo, kufanele sidlale indima yethu ngokukhipha isijeziso uma zingalaleli.”—UClive, e-Australia.

“Ngiye ngathola ukuthi kuyasebenza ukuguqa lapho ngiluleka izingane zami ukuze ngiqondane nazo ubuso nobuso. Lokhu kwenza zinginake ngokuphelele. Kuzenza zibone nokuthi isimo sobuso bami sinjani okuzenza zibone indlela engizizwa ngayo ngalokho engikushoyo.”—UJennifer, e-Australia.

“Sizama ukungasho ezinganeni zethu ukuthi, ‘Ningamahlongandlebe,’ ngisho noma kubonakala sengathi kunjalo ngempela. Kanti futhi asizisoli izingane zethu phambi kwezinye. Sikhulumela phansi nazo noma siye endaweni esizoba sodwa kuyo ukuze sikhulume.”—URudi, eMozambique.

“Izingane zithonyeka kalula futhi ziyathanda ukulingisa. Ngenxa yalokho, kudingeka simelane nethonya elonakalisayo lezingane ezifunda nazo, imithombo yezindaba nethonya lomphakathi futhi sisize izingane zethu zihlakulele imikhuba emihle yokuziphatha esekelwe ezimisweni ezihlanzekile. Ukuba kwazo nesimilo kuyazisiza zenqabe noma yini engaba yingozi kuzo.”—UGrégoire, eDemocratic Republic of the Congo.

“Isiyalo kudingeka siqine, sifaneleke futhi singaguquguquki. Izingane kufanele ziyazi imiphumela yokwenza okungafanele zazi nokuthi uzokwenza okushilo.”—U-Owen, eNgilandi.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

“Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]

UKULANDISA KOMKHAYA

Ukuphumelela Njengomzali Oyedwa

Ingxoxo noLucinda Forster

Yini eyinselele kakhulu kuwe njengomzali oyedwa?

Ukuba ngumzali nje kukodwa kunzima kodwa njengomzali oyedwa ngikuthola kuyinselele ngokukhethekile ukusebenzisa isikhathi namandla ami ngendlela efanele. Kuthatha isikhathi ukufundisa izingane izimiso nokuziphatha okufanele ubuye ube nanesikhathi sokuphumula nesokuba nijabule ndawonye. Ngokuvamile kudingeka ngidele isikhathi sami sokuphumula ukuze ngenze imisebenzi yasendlini.

Ukugcina kanjani ukukhulumisana kukuhle phakathi kwakho namadodakazi akho?

Ngemva kwesehlukaniso, izingane zingase zizizwe zingalondekile futhi zicasukile. Ngiye ngathola ukuthi lapho kuphakama izinkinga, ukukhuluma nazo ngizibheke emehlweni nangezwi elipholile kubalulekile. Ngiyalinda kuze kube yilapho imimoya seyehlile bese ngizama ukusho okungikhathazayo ngaphandle kokuyenza ihaba indaba. Ngiyazicela ziveze uvo lwazo, ngilalelisise futhi ngibonise ukuthi ngiyazisa ngempela indlela ezizizwa ngayo. Ngibonisa isithakazelo emisebenzini yazo yesikole futhi ngizincome ngalokho ezikwenzayo. Sihlale sidla ndawonye etafuleni ngaphansi kwezimo ezizolile nezikhululekile. Ngihlale ngizitshela nokuthi ngizithanda kangakanani.

Usikhipha kanjani isiyalo?

Izingane zidinga imithetho ecacile futhi ukungaguquguquki kubalulekile. Ngizama ukuba nomusa kodwa ngiqine. Kufanele ngibonisane nezingane zami ngizichazele ukuthi kungani indlela ethile yokuziphatha ingafanele. Ngizama nokubuza imibuzo ukuze ngithole ukuthi zicabangani ngaphambi kokuba ngiziyale, ukuze ngithole ukuthi kungani ziziphathe ngendlela eziziphathe ngayo. Uma kuyimi onephutha—ngokwesibonelo, uma ngingasiqondanga kahle isimo—ngiyaxolisa.

Uzifundisa kanjani izingane zakho ukuhlonipha abanye?

Ngizikhumbuza lokho uJesu akufundisa—ukuphatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo. (Luka 6:31) Ngiyawakhuthaza amantombazane ukuba alungise ukungezwani kwawo ngangokunokwenzeka futhi ngiwafundisa nokubaluleka kokusabela ngomoya ophansi nangomusa lapho ecasukile.

Yini eniyenzayo ukuze nishaywe umoya?

Asibi nayo njalo imali yokuthatha uhambo siyovakasha, ngakho sibheka izinto esingazenza ezingabizi emaphephandabeni. Siya kumapikiniki noma sihambe siyobona izitshalo endaweni ezikhuliswa kuyo. Sitshala izitshalo zokwenza izinongo bese sikhetha lezo esizozisebenzisa lapho sipheka. Ukuzijabulisa kubalulekile, ngisho noma kungaba nje ukuchitha isikhathi epaki lendawo.

Iyiphi injabulo nemivuzo oye wayithola?

Ukuhlala emkhayeni lapho kunomzali oyedwa khona kunzima, kodwa siye sasondelana futhi safunda ukwazisa izibusiso esinazo. Ngiyajabula ukubona indlela ingane ngayinye ekhula ngayo ibe umuntu ohlukile. Okwamanje zithanda ukuhlale zinami futhi ngiyakujabulela ukuba nazo. Ziyakwazi ukubona uma ngijabule noma ngidumele futhi ngezinye izikhathi ziyanganga ukuze zingiqinisekise. Ukungibonisa kwazo uthando kungithokozisa kakhulu. Ngaphezu kwakho konke, siye saluzwa uthando loMdali okhathalelayo oye wasisiza ezimweni eziningi ezinzima. IBhayibheli linginiké amandla okuqhubeka ngizama ukuba umzali omuhle.—Isaya 41:13.

[Isithombe]

ULucinda namadodakazi akhe, uBrie noShae

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela