Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/11 k. 2
  • Ikhasi 2

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhasi 2
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Funani Iseluleko Esihle
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Umntanakho Omncane ‘Ukhulela Ensindisweni’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 10/11 k. 2

Ikhasi 2

Ukukhulisa Izingane Ezikwazi Ukuzimela

Cishe kuyinto yokugcina abazali abangathanda ukuyicabanga uma bebheka umntwana wabo osanda kuzalwa. Kodwa leli yiqiniso elisobala: Ngolunye usuku lolo sana luyoba ngumuntu omdala okuyodingeka azimele. Kuyoba njengoba nje kwakudaliwe, ngoba iBhayibheli lithi “indoda iyoshiya uyise nonina.” (Genesise 2:24) Kungashiwo okufanayo nangentombi.

Noma kunjalo, ngalolo suku lwezinyembezi nenjabulo lapho indodana noma indodakazi esikhulile ihamba ekhaya, abazali abaningi bayakhathazeka. Bayazibuza, ‘Ingabe ngiyikhulise kahle ingane yami?’ ‘Ingabe iyokwazi ukubambelela emsebenzini, ukukhokhela indawo yayo yokuhlala noma ukuphila ngemali enayo?’ Okubaluleke nakakhulu, ‘Ingabe ingane yami iyophila ngezimiso esiye sazama ukuzigxilisa kuyo?’—IzAga 22:6; 2 Thimothewu 3:15.

Lo magazini okhethekile we-Phaphama! uzobonisa ukuthi iseluleko seBhayibheli singabasiza kanjani abazali esigabeni ngasinye sokukhula kwengane.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela