Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/11 k. 32
  • IBhayibheli—Ingabe Uyawazi Umyalezo Walo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Ingabe Uyawazi Umyalezo Walo?
  • I-Phaphama!—2011
I-Phaphama!—2011
g 8/11 k. 32

IBhayibheli—Ingabe Uyawazi Umyalezo Walo?

● IBhayibheli liyincwadi eye yasakazwa kabanzi ngaphezu kwanoma iyiphi enye emlandweni. Abantu bazo zonke izinhlobo baye bathola ukuthi umyalezo walo uyaduduza, unika ithemba futhi iseluleko salo siyasebenza ekuphileni kwansuku zonke. Noma kunjalo, abaningi bazi okuncane kakhulu ngale ncwadi emangalisayo.

Incwajana ethakazelisayo nenemifanekiso emihle ethi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? ingakusiza uliqonde iBhayibheli. Izingxenye ezimbili zokuqala zichaza ngokulungiselela kukaNkulunkulu isintu ipharadesi ekuqaleni nokuthi lalahleka kanjani. Kamuva sibe sesifunda ngenjongo yoMdali yokubuyisela iPharadesi ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini ophathiswe uJesu Kristu.

Izingxenye ezilandelayo zigxila kuJesu—inkonzo yakhe, izimangaliso zakhe, ukufa nokuvuka kwakhe. Sibuye sitshelwe nangabalandeli bakaJesu bokuqala abanesibindi nezincwadi abazibhala, ezaba ingxenye yeBhayibheli esilaziyo namuhla.

Kuyafaneleka ukuthi ingxenye ka-26 ephetha le ncwajana inesihloko esihle esithi “IPharadesi Liyabuyiselwa!” Ikhasi elinemibala egqamile eliseceleni kwaso linesihloko esithi “Umyalezo WeBhayibheli—Ukubuyekeza.” Kuso, uyobona izenzakalo ezingu-7 ezifingqiwe ezimayelana nokugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu ngesintu.

Ukuze uthole le ncwajana enamakhasi angu-32, mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela