“Akuvumanga Ukuba Ngiyibeka Phansi!”
● Kuwo wonke umhlaba, intsha iyijabulela kakhulu incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2.a Cabanga ngezinye zezibonelo:
“Ngilazisa kakhulu iqiniso lokuthi le ncwadi ikhuthaza ukuba sikhulume nabazali bethu. Ngiyawasebenzisa amacebiso ayo, futhi manje ngingasho ukuthi ukukhulumisana phakathi kwami nabazali bami sekuthuthuke kakhulu.”—URoberto, eMexico.
“Nganele ngaqala nje ukuyifunda, akuvumanga ukuba ngiyibeke phansi! Ngiyayithanda ingxenye ethi ‘Engizokwenza!’ engasekugcineni kwesahluko ngasinye kuhlanganise nekhasi elithi ‘Imizwa Yami’ elisekugcineni kwengxenye ngayinye. Le ncwadi ingisize ukuba ngikwazi ukumela izinkolelo zami esikoleni.”—UJoelah, e-United States.
“Njengoba ngiqhubeka ngiyifunda, ngithinteka ngokwengeziwe. Kwangihlaba umxhwele lokho okushiwo yintsha ecashuniwe, kuhlanganise nebhokisi elithi ‘Ubuwazi?’ nelithi ‘Icebiso.’ Le ncwadi ikwenza kucace kimi ukuthi iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova inesithakazelo esijulile entsheni!”—UHui-won, eNingizimu yeKorea.
“Phakathi kwazo zonke izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova, lena yiyona engikujabulela kakhulu ukuyifunda. Ikwenza wazi ukuthi intsha icabangani kuhlanganise nezinkinga ebhekana nazo emkhayeni, esikoleni nakubangane.”—UShana, eCanada.
“Njalo lapho abazali bami bexabana, ngangiya ekamelweni lami ngikhale. Kodwa ngemva kokufunda isahluko 24, esithi ‘Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?,’ ngakwazi ukukhuluma nomama nobaba ngakho. Kwabamangaza ukwazi ukuthi ukuxabana kwabo kwakungizwisa ubuhlungu obukhulu. Nabo basifunda lesi sahluko. Manje sebeyiqonda kangcono imizwa yami, futhi abasavamile neze ukuxabana.”—UMariana, eCzech Republic.
“Amakhasi anesihloko esithi ‘Isibonelo Esihle’ angithinte kakhulu futhi angisize ukuba ngisebenzele ezintweni engibuthakathaka kuzo. Ngokwesibonelo, kunzima kimi ukujwayelana nabantu engingabazi ebandleni lobuKristu. Ekhasini 97 kukhulunywa ngendlela uLidiya ajwayelana ngayo noPawulu nabangane bakhe ngokubonisa umoya wokungenisa izihambi. Manje sengiyazama ukulandela isibonelo sakhe.”—UMónika, eHungary.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
“UKUYA OCANSINI NGAPHAMBI KOMSHADO—KUNGANI KUNGALUNGILE”
UKatrina, intombazane yase-United States eneminyaka engu-16, wabelwa ukuba anikeze umbiko ekilasini lakhe lokuqeqeshelwa ukukhuluma neningi, esebenzisa isihloko asithandayo. Esebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, wakhetha isihloko esithi “Ukuya Ocansini Ngaphambi Komshado—Kungani Kungalungile.” Abazali bakhe bayalandisa: “Embikweni wakhe uKatrina wachaza igama elithi ‘ukungayi,’ wachaza izingozi zokuya ocansini ngaphambi komshado futhi wachaza nemiphumela eyingozi yokwephula izimiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. UKatrina waphinde wafunda nezingcaphuno ezikule ncwadi, ebonisa indlela enye intsha eyazizwa ngayo ngemva kokwephula imithetho kaNkulunkulu. Wabe esededela ikilasi ukuba libuze imibuzo, futhi wakwazi ukuyiphendula. Ngemva kwenkulumo yakhe, uthisha wakhe wamnika iphepha elalifundeka kanje: ‘Siyabonga ngokukhuluma iqiniso nangokuletha ukukhanya ezweni elinobumnyama. Hlala uqinile okholweni.’”