“Ngiyanibonga Ngokungazisa UBaba Onothando”
● Intombazane eneminyaka engu-19 yaseningizimu ye-United States yabhala: “Ngazalelwa emkhayeni osontayo futhi uJesu ngimbheka njengomsindisi wami. Noma kunjalo, kuphele iminyaka ngiphila ngokwesaba ulaka lwesahlulelo sikaNkulunkulu. Ngabe sengiqala ukufunda incwadi yenu ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
“Ngemva kokufunda izahluko ezimbalwa, ngaqala ukuba nokuthula okukhulu. Ngezwa sengathi kususwe umthwalo omkhulu emahlombe ami. Sengiyabona ukuthi uJehova unguNkulunkulu onothando, onomusa nesihe. Ufuna ukuba nobuhlobo nami hhayi obusekelwe ekumesabeni okukhwantabalisayo. Ngihlela ukuya eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova kuleli Sonto! Ngimagange kakhulu. Ngiyanibonga ngokungazisa uBaba onothando, hhayi owadala isihogo.”
Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ikhuluma nangezinye izindaba ezibalulekile. Zihlanganisa isimo sabafileyo, ithemba lovuko, indlela yokuthuthukisa ukuphila komkhaya, ukuthi uNkulunkulu noJesu Kristu bangobani nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Ungathola ikhophi yale ncwadi enezithombe ezinhle mahhala. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.