‘Azizincane Ngaleyo Ndlela’
● Yilokho okwabhalwa umama othile wase-California, e-U.S.A., ngokuphathelene nendaba esencwadini ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Wachaza: “Emasontweni amathathu adlule lapho indodana yethu uJavan, oneminyaka emithathu, eye kudokotela wezingane, lo dokotela wabuza mina nomyeni wami ukuthi sike saxoxa yini noJavan ngokuvikela izitho zakhe zangasese. Ngakujabulela kakhulu ukumtshela ngencwadi ethi UMfundisi Omkhulu, echazayo ukuthi kuyoba okungalungile nganoma ubani ukudlala ngezitho zangasese zomunye umuntu. Kwamhlaba umxhwele ukuthi sasike saxoxa noJavan ngalokhu.”
Unina uyanezela: “Ayinaphutha indlela lezi zinto ezichazwe ngayo kule ncwadi.” Isahluko ayebhekisele kuso sinesihloko esithi “Indlela UJesu Avikelwa Ngayo.” Sichaza indlela uBaba kaJesu wasezulwini avikela ngayo iNdodana yakhe ekulinyazweni inkosi embi uHerode lapho uJesu esemncane. (Mathewu 2:7-23) Le ncwadi ibe isibonisa ngisho nendlela abantwana abangafundiswa ngayo ukuzivikela uma othile ezama ukubanukubeza.
Ungacela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-256, nezithombe ezinhle, enamakhasi alingana nawalo magazini. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.