Ukuba Nesizungu Ezweni Eligcwele Ezokuxhumana
UKUSHAYA ucingo ngomakhalekhukhwini, imiyalezo, izingosi zokuxhumana nabangane nezengevu—asikho isikhathi esake saba nezindlela eziningi kangaka zokuxhumana futhi zitholakale kalula kangaka. Nokho, kuleli zwe eligcwele ezokuxhumana, abantu abaningi—abancane nabadala—banesizungu esikhulu. Kungani?
Encwadini yabo ethi Loneliness—Human Nature and the Need for Social Connection, abacwaningi uJohn T. Cacioppo noWilliam Patrick baxoxa kabanzi ngendaba yesizungu. Babhekisela ocwaningweni oluthi “ukusebenzisa i-Internet kakhulu kungabahlukanisa abantu uma kuthatha indawo yokuxhumana nabo ngokoqobo.”
Ukuphila okumatasa okubangelwa umphakathi wanamuhla akubukhuthazi ubuhlobo obuhle nabanye abantu. Ukumomotheka nothando olubonakala emehlweni omuntu akunakudluliselwa ngocingo noma ngomyalezo obhalwe kuyi-computer.
Nakuba isimo esingenhla singaba khona emsebenzini kodwa sivame nakakhulu ekhaya. Emikhayeni eminingi amalungu angena ephuma ngaphandle kokudla ndawonye noma ukuxoxa. Izingane ezisakhula zinama-computer futhi zizihlukanisa cishe ngokuphelele nemikhaya. Kuyindida ukuthi nakuba inemishini yobuchwepheshe bezokuxhumana, intsha eningi izizwa inesizungu.
Kulezi zinsuku, isizungu singasongela ngisho nezibopho zomshado. Ukungaxoxi kwabantu abashadile kungabangela ukuba bobabili baphile ukuphila okuhlukene. Umuzwa wokuba wedwa kuyilapho unomuntu oshade naye ungolunye uhlobo lwesizungu olucindezela kakhulu.
Abazali abangabodwa bangase babe nesizungu kakhulu kunabanye. Phakathi kwezinye izinto eziningi, leli zwe eligcwele ezokuxhumana lingabahlukanisa nezingane zabo, okungabhebhethekisa isizungu. Abaningi abangashadile bafisa ukuba nothile abashade naye, kodwa leso sidingo esingokomzwelo asaneliswa.
Isizungu sesiyinkinga yezenhlalo engabangela ukuba umuntu abe umlutha wotshwala, isiminzi, adle izidakamizwa, aziphathe kabi futhi aze azibulale. Ngakho-ke, kubalulekile ukuthola izimbangela zesizungu. Ukuthatha lesi sinyathelo sokuqala kungabangela ukuba umuntu aphumelele ekubhekaneni nesizungu.