“Ukufunda IBhayibheli Kuzuzisa Izithulu”
ISIHLOKO esinala magama sanyatheliswa kumagazini wezithulu eCzech Republic. Umlobi waso, uZdeněk Straka, wancoma oFakazi BakaJehova abafunda ulimi lwezandla ukuze baxhumane nezithulu.
Yini eyashukumisa uMnu. Straka ukuba abhale lesi sihloko? Ehlobo lango-2006, waya emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova ePrague, lapho isimiso sahunyushelwa khona olimini lwezandla ukuze kuzuze izithulu ezingaba ngu-70 ezazikhona. Unyaka ngamunye, oFakazi BakaJehova bahlela imihlangano emhlabeni wonke ukuze bafunde iBhayibheli futhi bajabulele ubudlelwano obakhayo. Izithulu azishiywa ngaphandle. Ngomunye unyaka muva nje, kuqhutshwe imihlangano engu-96 ngokukhethekile ngolimi lwezandla emhlabeni wonke kanti kwezinye izindawo ezingu-95, isimiso sahunyushelwa olimini lwezandla.
Ngesikhathi somhlangano wasePrague, ibandla lolimi lwezandla kulelo dolobha laliqhuba izifundo zeBhayibheli nezithulu ezingaba ngu-30. Labo abafunda iBhayibheli bayazuza kulokho abakufundayo, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo.
UMarkéta uhamba amakhilomitha angaphezu kwekhulu isonto ngalinye eyoqhuba isifundo seBhayibheli nowesifazane oyisithulu waseMongolia. Ulimi lwezandla lwesiCzech luhluke ngokuphelele kolwaseMongolia, ngakho uMarkéta kudingeka asebenzise ubuhlakani ukuze enze okufundwayo kuzwakale kulo muntu amfundelayo. Nokho, imizamo kaMarkéta iye yavuzwa. Njengoba umfundi kaMarkéta ayekhulelwe ingane yakhe yesibili, wayecabanga ukukhipha isisu, kodwa washintsha umqondo. UMarkéta uthi, “Lapho ngimbuza ngale ndaba, waphendula ekhuluma ngezandla wathi, ‘UJehova akakuthandi ukukhishwa kwezisu.’ Ngajabula lapho ngibona ukuthi uyawuqonda umbono kaNkulunkulu ngokuphila!”a
Emhlabeni wonke abantu abaningi abayizithulu bazuza ulwazi olunembile ngoNkulunkulu ngokufunda iZwi lakhe. Njengoba besondela kuNkulunkulu futhi bethola injabulo eyengeziwe ekuphileni, ukuphila kwabo kuye kwaba ngcono.—Isaya 48:17, 18.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nombono weBhayibheli ngokukhipha isisu, bheka i-Phaphama! ka-June 2009, amakhasi 3-9.
[Ibhokisi ekhasini 26, 27]
INGABE BEWAZI?
● OFakazi BakaJehova basakaza ama-DVD ngezilimi zezandla ezingu-43. Izinto ezisetshenziswa yizithulu umuntu angazikopisha ziyatholakala engosini ye-Internet ethi www.jw.org.
● Ukuze baqiniseke ukuthi izithulu zithola izincwadi ezengeziwe, oFakazi BakaJehova bahlele amaqembu angu-59 ahumushela ezilimini zezandla emhlabeni wonke.
● Kunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-1 200 ezilimi zezandla emhlabeni wonke.
[Umdwebo ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
www.jw.org