Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/10 k. 15
  • Ukukhanya Okungashisi Kukakhanyikhanyi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhanya Okungashisi Kukakhanyikhanyi
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi
    I-Phaphama!—2014
  • Ukukhulumisana Kwemvelo Esizungezile
    I-Phaphama!—2003
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2014
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 6/10 k. 15

Ingabe Kwaklanywa?

Ukukhanya Okungashisi Kukakhanyikhanyi

● Ezindaweni ezishisayo nezithokomele, ukhanyikhanyi ubonakala ngokukhanya okubanekayo ashela ngakho. Ngokuthakazelisayo, ukukhanya kukakhanyikhanyi kungcono kakhulu kunokukhanya kwamagilobhu ohlobo lwe-incandescent ne-fluorescent enziwa abantu. Empeleni, ngokulandelayo lapho ubuka isitatimende sakho sikagesi, cabanga ngalokho lesi silokazane esincane esingakwazi ukukwenza.

Cabanga ngalokhu: Igilobhu lohlobo lwe-incandescent likhipha amandla okukhanya angamaphesenti ayishumi kuphela; ingxenye yawo enkulu iyalahleka, iphenduke ukushisa. Igilobhu le-fluorescent lingcono kakhulu, likhipha amaphesenti angu-90 amandla alo njengokukhanya. Kodwa zombili lezi zinhlobo zokukhanya azilutho uma ziqhathaniswa nokhanyikhanyi. Njengoba kunemisebe embalwa e-ultraviolet noma e-infrared, ukukhanya okukhishwa yilesi silokazane akukhiphi nokuncane ukushisa!

Imfihlo kakhanyikhanyi incike ekusebenzeni kwekhemikhalini okuthiwa i-luciferin, iprotheni okuthiwa i-luciferase nomoya-mpilo. Amangqamuzana akhethekile okuthiwa ama-photocyte asebenzisa i-luciferase ukuze aqale le nqubo ephehlwa umoya-mpilo. Lokhu kukhipha ukukhanya okungashisi. Uthisha wezemvelo uSandra Mason washo kufanele ukuthi umklami wegilobhu uThomas Edison “kumelwe ukuba wayenomhawu ngokhanyikhanyi.”

Wena ucabangani? Ingabe ukukhanya okungashisi kukakhanyikhanyi kwaba khona ngengozi? Noma ingabe kwaklanywa?

[Umdwebo/Izithombe ekhasini 15]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Igilobhu le-incandescent 10%

Igilobhu le-fluorescent 90%

Ukhanyikhanyi 96%

[Imithombo Yesithombe ekhasini 15]

Firefly on leaf: © E. R. Degginger/Photo Researchers, Inc.; firefly in flight: © Darwin Dale/Photo Researchers, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela