Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/10 k. 3
  • Umngane Wamanga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umngane Wamanga
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhema—Umbono WamaKristu
    I-Phaphama!—1989
  • Abathengisis Bokufa—Ingabe Uyikhasimende?
    I-Phaphama!—1989
  • Kungani Kumelwe Ukuyeke Ukubhema?
    I-Phaphama!—2000
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngokubhema?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 5/10 k. 3

Umngane Wamanga

“Unomngane” owahlangana naye usemusha. Wakwenza wazizwa ukhulile futhi kubonakala sengathi wakusiza wamukeleka kontanga. Lapho ucindezelekile, wawungaphendukela kuyena ukuze uthole “impumuzo.” Ngokuqinisekile, usuncike kuyena ezimweni eziningi.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ubona uhlangothi lwakhe olungeluhle. Ufuna ukuba nawe ngaso sonke isikhathi, ngisho noma lokho kukwenza ungamukeleki kwezinye izindawo. Nakuba akwenza wazizwa usukhule kakhudlwana, lokho wakwenza ngokulimaza impilo yakho. Ngaphezu kwalokho, webe ingxenye yomholo wakho.

Muva nje, uzamile ukubunqamula lobo buhlobo, kodwa yena wenqaba. Ngandlela-thile, useyinkosi yakho. Uyazisola ngokuba umngane wakhe.

BUNJALO ubuhlobo babantu abaningi ababhemayo nogwayi. Ngemva kweminyaka engu-50 ebhema, owesifazane ogama lakhe lingu-Earline uyakhumbula: “Ugwayi wawungisiza ngaphezu komuntu. Wawungaphezu nje kokuba umngane—ngezinye izikhathi wawuwukuphela komngane kimi.” Nokho, njengoba u-Earline agcina esebonile, empeleni ugwayi ungumngane wamanga futhi oyingozi. Ngempela, amazwi asekuqaleni kwalesi sihloko abengamchaza kahle—ngaphandle nje kwento eyodwa. Lapho ezwa ukuthi ukubhema kubi emehlweni kaNkulunkulu ngenxa yokuthi kungcolisa umzimba asinike wona, wawuyeka lo mkhuba wakhe.—2 Korinte 7:1.

Indoda okuthiwa uFrank nayo yanquma ukuyeka ukubhema ukuze ijabulise uNkulunkulu. Kodwa ngemva nje kosuku iyekile, yazithola isigaqa ngamadolo ifuna izinqamu zikagwayi emifantwini yamapulangwe endlini. UFrank uthi, “Ngenza isinqumo ngaso leso sikhathi. Ukuzibona ngigaqa ngezandla nangamadolo ngifuna izinqamu zikagwayi endaweni engcolile kwanginenga. Angiphindanga ngabhema.”

Kungani kunzima kangaka ukuyeka ugwayi? Abacwaningi bathole izizathu ezimbadlwana: (1) Imikhiqizo kagwayi ingalutha njengezinye izidakamizwa ezingekho emthethweni. (2) I-nicotine ingafinyelela ebuchosheni ngemizuzwana engu-7 nje. (3) Ngokuvamile ukubhema kuba yingxenye ebalulekile ekuphileni komuntu ngenxa yokuthi kwenziwa ngezikhathi zokudla, zokuphuza, zokuxoxa, nanjengendlela yokukhululeka ekucindezelekeni njalonjalo.

Kodwa, njengoba u-Earline noFrank bebonisa, ungakwazi ukugqashula kulo mkhuba oyingozi oluthayo. Uma ubhema kodwa ufuna ukuyeka, ukufunda izihloko ezilandelayo kungase kube yisiqalo sendlela entsha yokuphila.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela