“Ngidinga Induduzo Evela Kuwena”
● Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico lathola le ncwadi evela kowesifazane osebenza esikoleni sabakhubazekile nabagula ngengqondo. Wabhala: “Ngo-May 9, ngishonelwe umama engimthandayo. Angikwazi ngisho nokuchaza indlela engilahlekelwe ngayo. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokushona kwakhe, ngenza ucwaningo nge-thanatology, isayensi yokucwaninga ngokufa nokuthi ungabhekana kanjani nakho ngokwengqondo. Ngangicabanga ukuthi kuzongisiza, kodwa akubanga njalo.”
Ngesinye isikhathi esabhekene nosizi lwakhe, wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Ngidinga induduzo evela kuwena.” Uthi, “Ngalobo busuku, ngafunda incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Kwaba sengathi ibhalelwe mina. Ibonisa ukuthi kulungile ukukhala. Isihloko esithi ‘Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?’ sathi: ‘Ungaweyi amandla omthandazo. Usizo olunikezwa nguNkulunkulu luyawenza umehluko. . . . Yiqiniso, usizo lwaphezulu alubuqedi ubuhlungu, kodwa lungenza kube lula ukububekezelela. Lokho akusho ukuthi ngeke usakhala nhlobo noma uyomkhohlwa othandekayo wakho. Kodwa ungalulama.’ Lawo mazwi ayasebenza.”
Uma ushonelwe umuntu omthandayo futhi udinga amazwi enduduzo, mhlawumbe wena nothile omaziyo ningathola induduzo ngokufunda incwajana enamakhasi angu-32 ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.