Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/10 k. 3
  • “Ngifuna Isehlukaniso!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngifuna Isehlukaniso!”
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isehlukaniso Sinazo Izisulu
    I-Phaphama!—1991
  • Ukwanda Kwezehlukaniso
    I-Phaphama!—1992
  • Isehlukaniso—Isivuno Saso Esibuhlungu
    I-Phaphama!—1992
  • Idivosi—IBhayibheli Lithini Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 2/10 k. 3

“Ngifuna Isehlukaniso!”

Indlu ewohlokayo isinezimpawu zokunganakwa. Sekuyiminyaka ibekezelela iziphepho, kodwa hhayi zonke ngokuphumelelayo. Manje, izindonga zale ndlu seziyawohloka, futhi ibonakala isingabhidlika noma nini.

LESI SITHOMBE sichaza isimo imishado eminingi ekuso namuhla. Ingabe wake waba nomuzwa wokuthi nowakho umshado uya lapho? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi ayikho imibhangqwana engenazo izinkinga. Empeleni, iBhayibheli liyakuvuma ukuthi labo abashadayo “bayoba nobuhlungu nosizi.”—1 Korinte 7:28, The New English Bible.

Lapho ligcizelela ukuba yiqiniso kwalawo mazwi, iqembu elithile labacwaningi lachaza umshado “njengento eyingozi kunazo zonke abantu abaningi abangena kuyo.” Lanezela: “Into eqala njengobuhlobo obujabulisa kakhulu nobuthembisayo ingaba yinto ekhungathekisa kunazo zonke nebuhlungu kakhulu ekuphileni komuntu.”

Kuthiwani ngomshado wakho? Ingabe unesici esisodwa noma ngaphezulu kulezi ezibalwe ngezansi?

  • Ukuxabana njalo

  • Inkulumo ehlabayo

  • Ukungathembeki

  • Ukuthukuthelelana

Uma umshado wakho ubonakala usengozini futhi ungachitheka noma nini, kufanele wenzeni? Ingabe isehlukaniso siyikhambi?

“SAQALA KANCANE SADLONDLOBALA”

Emazweni athile, izinga lesehlukaniso seliphakeme kakhulu. Cabanga nge-United States, lapho isehlukaniso besilokhu siyinto engavamile iminyaka eminingi. Ngemva kuka-1960, encwadini yakhe ethi The Divorce Culture uBarbara Dafoe Whitehead uthi: “Isibalo saphakama ngendlela emangalisayo. Saphindeka kabili esikhathini esingaba yiminyaka eyishumi sakhuphuka njalo kwaze kwaba sekuqaleni kwawo-1980, lapho sazinza khona ngemva kokuphakama kakhulu emiphakathini yaseNtshonalanga. Ngenxa yalokhu kuphakama okwakuqhubeka, isehlukaniso saqala kancane sadlondlobala ekuphileni kwabaseMelika esikhathini esingaba amashumi amathathu eminyaka.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela