Uyafuna Ukuba Umngane KaNkulunkulu?
● Ubungawuphendula kanjani umbuzo ongenhla? Intombazane ehlala endaweni eqhelile esifundazweni saseGuerrero eMexico, yathi yayingacabangi ukuthi kungenzeka. Amantombazane amabili angoFakazi BakaJehova ayibonisa incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! ngolimi lwayo. Yamangala ukuthi ikhona nangolimi lwesiTlapanec ngoba yayigcina ngokubona izincwadi zikahulumeni kuphela zibhalwe ngolimi lwayo.
La mantombazane amabili ayichazela ukuthi yona kanye le ncwadi yayiwubufakazi bokuthi uMdali uyayithanda ngoba ngayo yayizokwazi ukumazi kahle. Imagange yaqala ukufunda isifundo sokuqala esinesihloko esithi “UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe.” Ngemva kokusifunda, yathi: “Ngiyafuna ukuba umngane kaNkulunkulu. Ningangitholela iBhayibheli?” Lapho oFakazi bebuya neBhayibheli, unina wentombazane wabacela ukuba bahlale babafundise okwengeziwe.
IsiTlapanec lungolunye lwezilimi ezingu-17 zamaNdiya aseMexico okunyatheliswa ngazo incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Emhlabeni wonke ikhona ngezilimi ezingu-278 (kuhlanganise nolimi lwe-braille). Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.