Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/09 k. 22
  • Ukubaluleka Kokubonisa Uthando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubaluleka Kokubonisa Uthando
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokubonisana Uthando
    Usizo Lomndeni
  • “Thandanani Omunye Nomunye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukuthola Isihluthulelo Sothando Lomzwelo Lobuzalwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Bonisa Uthando Kwabasekhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 12/09 k. 22

Ukubaluleka Kokubonisa Uthando

“BANGE kaningi!” kusho uprofesa wokusebenza kwengqondo yomntwana kumama owayesanda kuzibula ngamawele. Wayecele usizo lwakhe ngendlela engcono ayengakhulisa ngayo abantwana bakhe. Wathi: “Kufanele ubonise uthando nozwela ngezindlela eziningi ezinjengokubasingatha nokubaqabula, ubonise imfudumalo, ukuqonda, injabulo, ububele nokuthethelela, uma ubajezisa, ukwenze ngoba kufanelekile. Akufanele sicabange ukuthi abantwana bayazi ukuthi siyabathanda.”

UTiffany Field, ongumqondisi we-Touch Research Institute e-University yaseMiami, eFlorida, e-U.S.A. ubonakala evumelana nokushiwo ngenhla. Uthi: “Ukuthintwa kubalulekile kumntwana okhulayo nasenhlalakahleni yakhe njengoba kunjalo ngokudla nangokuzilolonga.”

Ingabe abantu abadala nabo bayakudinga ukuboniswa uthando? Yebo. Udokotela wezifo zengqondo uClaude Steiner ngemva kocwaningo lwakhe waphetha ngokuthi, ukukhuthazwa ngamazwi nokusingathwa kubaluleke kakhulu ngokomzwelo, kungakhathaliseki ubudala bethu. ULaura, ongumhlengikazi onakekela iqembu elikhulu labantu asebekhulile, uthi: “Ngibonile ukuthi ukubonisa abantu asebekhulile uthando kuyawenza umehluko. Uma ubaphatha ngomusa futhi ubathinta, bayakwethemba futhi balalela izinqondiso zakho ngokuzithandela. Ukubonisa uthando okunjalo kubonisa inhlonipho ngesithunzi sabo.”

Ngaphezu kwalokho, ukubonisa uthando kuzuzisa lowo olubonisayo nalowo oluboniswayo. Njengoba nje noJesu ake asho, “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kuzuzisa nakakhulu lapho uzwela luboniswa kulabo abakhathazekile, abacindezelekile noma abazizwa bengalondekile. Izenzakalo eziningi eBhayibhelini zichaza indlela abaningi abaluthola ngayo lolu sizo.

Cabanga ukuthi kwamduduza kanjani “umuntu ogcwele uchoko,” umphakathi owawumkhipha inyumbazana, lapho ezwa ethintwa ngokufudumele uJesu Kristu uqobo!—Luka 5:12, 13; Mathewu 8:1-3.

Cabanga ukuthi umprofethi osekhulile uDaniyeli wazizwa eqine kanjani lapho ingelosi kaNkulunkulu imqinisa ngesikhuthazo esifudumele futhi imthinta kathathu. Lokho kuthintwa kothando namazwi akhayo yilokho kanye uDaniyeli ayekudinga ukuze alulame ekucindezelekeni kwakhe ngokomzimba nangokwengqondo. —Daniyeli 10:9-11, 15, 16, 18, 19.

Ngesinye isikhathi abangane bomphostoli uPawulu, bahamba amakhilomitha angu-50 beya eMilethu ukuze bahlangane naye. UPawulu wabatshela ukuthi angase angaphinde ababone. Yeka indlela umphostoli uPawulu okumelwe ukuba wakhuthazeka ngayo lapho abangane bakhe abaqotho base-Efesu “bemanga futhi bemqabula bevalelisa”!—IzEnzo 20:36, 37, Today’s English Version.

Khona-ke, iBhayibheli nocwaningo lwamuva lusikhuthaza ukuba sibonise uthando komunye nomunye. Ukwanelisa lesi sidingo kuletha izinzuzo ezingoqobo nezingokomzwelo. Kuyacaca ukuthi ukuboniswa uthando okuqotho nokufanele akukhona okwezingane kuphela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela