Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/09 k. 7
  • Imfihlo 5: Ukucabangela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imfihlo 5: Ukucabangela
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlakulela Ukucabangela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Lapho Ingane Yakho Eyeve Eshumini Nambili Ingabaza Inkolo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ubusha—Ukulungiselela Ukuba Umuntu Omdala
    I-Phaphama!—2011
  • Uyini Umgomo Womzali?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 10/09 k. 7

Imfihlo 5: Ukucabangela

“Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.”—Filipi 4:5.

Okushiwo yilokhu. Emikhayeni ephumelelayo, amadoda nabafazi kufanele bakulindele ukuthi bobabili bazowenza amaphutha. (Roma 3:23) Abasiqinisi isandla ngokweqile futhi ngesikhathi esifanayo abaziyekeleli kakhulu izingane zabo. Babeka isilinganiso esifanele emithethweni yasekhaya. Lapho kudingeka iseluleko, basinikeza “ngezinga elifanelekile.”—Jeremiya 30:11.

Kungani kubalulekile? IBhayibheli lithi “ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyabonelela.” (Jakobe 3:17) UNkulunkulu uqobo akalindele ukuphelela kubantu abangaphelele, ngakho kungani umbhangqwana oshadile kufanele ulindele ukuphelela komunye nomunye? Ngempela, ukuhlale unokondisa amaphutha amancane kubangela intukuthelo, hhayi intuthuko. Kungcono ukwamukela iqiniso lokuthi “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.”—Jakobe 3:2.

Abazali abaphumelelayo bayabonelela lapho besebenzelana nezingane zabo. Isiyalo sabo aseqisi, futhi ‘akunzima ukubajabulisa.’ (1 Petru 2:18) Banikeza intsha ebonisa ukuvuthwa inkululeko. Abazami ukulawula izingane zabo ngisho nasezintweni ezincane. Enye incwadi ibonisa ukuthi ukuzama ukulawula zonke izici zokuphila kwentsha “kufana nokuzikhandla udansa umdanso okhathazayo wokucela imvula. Liyovele lingani, kodwa wena uyobe ukhathele uyingcuba.”

Zama lokhu. Hlola izinga lakho lokucabangela ngokuphendula imibuzo elandelayo.

◼ Ugcine nini ukuncoma oshade naye?

◼ Ugcine nini ukumgxeka?

Zenzele isinqumo. Uma kube nzima ukuthola impendulo yombuzo wokuqala, kodwa ungabanga nenkinga yokuphendula owesibili, cabanga ngomgomo ongazibekela wona ngalokho okulindele.

Kungani ungaxoxi noshade naye ngezinqumo nina nobabili eningazenza?

Cabangani ngenkululeko eningayinikeza indodana noma indodakazi ebonisa ukuvuthwa.

Kungani ungaxoxi ngokukhululekile nendodana noma indodakazi yakho ngezinto ezinjengokunqunyelwa isikhathi?

[Isithombe ekhasini 7]

Njengomshayeli oqaphile, ilungu lomkhaya elibonelelayo likulungele ukudedela abanye

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela