Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/09 k. 32
  • ‘Ishalofu Elingavulwa UJehova Kuphela’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ishalofu Elingavulwa UJehova Kuphela’
  • I-Phaphama!—2009
I-Phaphama!—2009
g 8/09 k. 32

‘Ishalofu Elingavulwa UJehova Kuphela’

◼ Ngo-2007, u-Erika oneminyaka eyisithupha noMattia oneminyaka emine bashonelwa uyise. Kodwa ubuhlungu balezi zingane buye badanjiswa ithemba lovuko.—IzEnzo 24:15.

U-Erika uyathanda ukuhlanganyela ithemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini nabanye, ikakhulukazi esikoleni afunda kuso eSicily. Ngokwesibonelo, lapho umngane wakhe uBeatrice ethi ubaba ka-Erika wayesesezulwini, u-Erika wamphendula ngomusa ethi iBhayibheli lisho okuhlukile. UBeatrice wabuza: “Pho ukuphi?”

U-Erika waphendula: “Usethuneni.” Manje uBeatrice wayesefuna ukwazi ukuthi liyini ithuna.

U-Erika wachaza: “Linjengeshalofu elivulekayo liphinde livaleke. Kodwa uma selivaliwe leli shalofu, ngeke ukwazi ukulivula. NguJehova kuphela oyolivula lapho sekufike izwe elisha.”

U-Erika wabe esechazela umngane wakhe ukuthi igama likaNkulunkulu, uJehova, nokuthi uzoletha ipharadesi emhlabeni, ukugula ngeke kusaba khona, nokuthi abafileyo bayobuye baphile. U-Erika wabe esecela ukuba uBeatrice acele imvune kunina yokwamukela isipho sencwadi ekhuluma ngalezi zinto.

Lapho ayeseqiniseka ukuthi unina kaBeatrice uvumile, u-Erika wanikeza umngane wakhe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. U-Erika uyaqhubeka exoxa nabanye ngezinto azifunda eBhayibhelini futhi uze wanikeza uthisha wakhe incwadi ephawulwe ngenhla.

Yiqiniso, u-Erika nomfowabo omncane basaba nazo izikhathi zokudabuka ngenxa yokufelwa uyise. Kodwa ithemba lovuko libenza bazizwe bengcono. Njengabanye abaningi emhlabeni lezi zingane, zibonga uJehova, uNkulunkulu wenduduzo yeqiniso.—Mathewu 21:16; 2 Korinte 1:3, 4.

Ungazicelela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-256, nezithombe ezinhle, enamakhasi alingana nawo lo magazini. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela