Ukubukelwa Phansi
“Phakathi nonyaka wami wokuqala esikoleni samabanga aphansi eSpain, ezinye izingane engangifunda nazo zazingigcona, ngoba ngangimfushane kunazo. Ngangibuyela ekhaya ngikhala njalo.”—UJennifer, indodakazi yabafuduki basePhillippines.
“Lapho ngiya esikoleni esisha, abafundi abamhlophe engangifunda nabo babengithuka. Ngangazi ukuthi babefuna ngilwe nabo. Kodwa, ngandlela-thile, ngangizibamba—nokho ngaphakathi ngangizizwa kabuhlungu futhi ngizizwa ngilahliwe.”—UTimothy, oNsundu waseMelika.
“Lapho ngineminyaka eyisikhombisa ubudala, ama-Igbo namaHausa eNigeria ayengezwani. Le nzondo yangithinta, futhi ngaqala ukuhlekisa ngomfana engangifunda naye ongumHausa, nakuba sasingabangane.”—UJohn, ongum-Igbo.
“Mina nomunye udade engangiyisithunywa sevangeli naye sasixoxa nomakhelwane ngeBhayibheli lapho izingane ezazithunywe umfundisi wendawo, zisilandela futhi zisijikijela ngamatshe. Lo mfundisi wayefuna sihambe kuleli dolobha.”—U-Olga.
INGABE wake wabhekana nokululazwa ngokubandlululwa kungafanele okubonakala kusekelwe ekucwasweni? Mhlawumbe kwakungenxa yebala lesikhumba sakho, inkolo yakho, isimo sakho ngokwezimali, ubulili ngisho nobudala bakho. Labo abavame ukucwaswa bahlale benovalo lokuthi bangase baphathwe kabi. Lapho bephambana neqembu labantu endleleni, bengena esitolo, beqala isikole esisha noma besemcimbini, bangase babe nexhala.
Ngaphezu kwalokho, izisulu zokubandlululwa nokucwaswa zingase zibe nenkinga yokuthola umsebenzi noma zingase zelashwe ngendlela esezingeni eliphansi, zithole imfundo ephansi, namalungelo angatheni ezinkonzo zomphakathi nezomthetho. Lapho ubandlululo luvunyelwe yiziphathimandla, lungaholela ekubhebhezelekeni kokuqothulwa kwezinhlanga. Kunesibonelo sasendulo sokuqothulwa kohlanga esitholakala encwadini yeBhayibheli ka-Esteri. Phawula indima inzondo nokucwasa okungaba nayo.—Esteri 3:5, 6.
Ukungabekezelelani kungaqhubeka ngisho nalapho kunemithetho emelene nobandlululo. OwayenguKhomishane Ophethe Wamalungelo Esintu weZizwe Ezihlangene uthi: “Nakuba sekuphele amashumi ayisithupha eminyaka kwenziwa iSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu . . . , izimiso zokulingana nokungacwasani kusekude le ukuba zibe ngokoqobo emhlabeni.” Lokho kuyakhathaza kakhulu, ngoba ukuthuthela kwabantu kwamanye amazwe nokwanda kwababaleki kuzishintshe kakhulu izibalo zabantu emazweni amaningi.
Ngakho, ingabe kuyiphupho ukucabanga ukuthi kungaba khona umphakathi wabantu ongacwasani? Noma ingabe ukucwasa nobandlululo kunganqotshwa? Izihloko ezilandelayo zigxile kule mibuzo.