‘Iphendula Imibuzo Yethu’
◼ ‘Iphendula imibuzo yethu.’ Yilokho okushiwo yintsha ngencwadi entsha ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2. UJessicah waseTexas e-U.S.A. wabhala: “Ngangididekile futhi ngingaziqondi. Le ncwadi yangikhuthaza ngempela. Kwangizuzisa ukwazi ukuthi kunentsha eningi enjengami ebhekana nezithiyo ohambweni lwayo olude olunezinkinga lokukhonza uNkulunkulu. Le ncwadi yaphendula yonke imibuzo enganginayo ephathelene nobusha.”
UBreann waseColorado, wathi: “Incwadi yenu iyayifeza ngempela injongo yayo yokukhuthaza ukukhulumisana phakathi kwabazali nezingane. Lapho ngifuna ukuxoxa namama, ngikhipha le ncwadi bese ngiyifunda njengoba injalo. Nomngane wami ulungiselela ukuxoxa nabazali bakhe ngenxa nje yokufunda le ncwadi.”
Izahluko zokuqala zayo zikhuluma ngezinto ezikhathaza intsha eningi—ubuhlobo nabobulili obuhlukile. UKatrina waseNew Jersey wabhala: “Le ncwadi yaqinisa ukuzimisela kwami kangangokuthi kungakhathaliseki ukuthi ubani uthini, angikakulungeli nhlobo ukuthandana nothile. Ngaphandle nje kwalokho, lokhu kunginika ithuba lokwenza izinto eziningi ezinkulu! Angikafuni ukuziyeka manje. Futhi lapho sengikulungele ukuthandana nothile, ngiyoba nombono ongcono wokuthi yini okufanele ngiyilindele kulowo engithandana naye nokuthi ngingaqhubekela kanjani phambili.”
Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Isithombe ekhasini 32]
UJessicah
[Isithombe ekhasini 32]
UBreann
[Isithombe ekhasini 32]
UKatrina