Ibasiza Ukuba Baphile Ukuphila Okunenjongo
◼ Incwadi ethi ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’ iye yaba nethonya elikhulu kwabaningi abayifundile. Owesifazane othile wathi: “UJesu uye wenziwa waba ngokoqobo kakhudlwana kimi. Ngiyazisa kakhulu indima yakhe. Ngifuna ukuphila ukuphila okunenjongo manje futhi ngibe nengxenye ekusakazeni izindaba ezinhle isintu esizidinga kangaka.”
Omunye ubaba uyabhala: “Le ncwadi ingiqaphelise ukubaluleka kokulingisa isibonelo esiphelele esasishiyelwa uJesu . . . Kule ncwadi ngifunde ukuzindla ngezimfundiso zikaJesu nezimfanelo azibonisa ngesikhathi elapha emhlabeni—ukuthobeka, uthando, ukubekezela okukhulu, ukulalela nokuphikelela. UJesu washiya isibonelo esihle esingikhuthaze ukuba ngiqhubeke.”
Omunye umfundi wavumelana ngokugcwele namazwi ashiwo esembozweni esingemuva, ngokwengxenye athi: “UJesu Kristu ungumHoli ovela kuNkulunkulu odingwa yibo bonke abantu. . . . Le ncwadi izokusiza ukuba umazele eduze uJesu futhi umlandele eduze kakhulu.” Lo mfundi wabe esethi, “Ngempela le ncwadi isisiza ukuba sithande uJesu, sibe nokholo kuye, simlalele futhi simlandele.”
Incwadi ethi ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’ inamakhasi angu-192, ahlanganisa izithombe ezingu-13 ezinombala ophelele ezibonisa izici ezihlukahlukene zokuphila kukaJesu kwasemhlabeni. Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.