Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/08 k. 13
  • Umgudu Wokudlulisa Ubisi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umgudu Wokudlulisa Ubisi
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusuka Obisini Oluwuketshezi Kuya Obisini Oluyimpuphu
    I-Phaphama!—1999
  • ‘Ukuphatha Izwi Leqiniso Ngokufanele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ubufakazi Obusekela Ubisi LukaMama
    I-Phaphama!—1993
  • I-brunost—Isibiliboco Sikashizi SaseNorway
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 10/08 k. 13

Ingabe Waklanywa?

Umgudu Wokudlulisa Ubisi

◼ Uma wake wayibuka imvu, imbuzi, noma inkomo izala, cishe wamangala ukuthi izinyane noma inkonyane lishesha kangakanani ukusukuma futhi lifune ibele. Zonke izilwane ezincelisayo ziyawancelisa amazinyane azo. Kodwa endabeni yezilwane ezincane ezetshisayo, njengamazinyane namankonyane, kunesinye isimangaliso esingabonakali.

Cabangela lokhu: Izinkomo zinezisu ezine ezenza imisebenzi ehlukahlukene yokugaya utshani nefolishi. Kodwa amankonyane ancela ubisi kuphela, okungadingeki ukuba ludlule kuzo zonke lezo zigaba zokugaya. Ngakho lapho inkonyane lincela, kwakheka umguqu okhethekile ovumela ukuba ubisi ludlulele ngokuqondile etwanini.

Uma ubisi belungangena esiswini sokuqala, okuthiwa usu, inkonyane belizohlupheka ngoba usu yindawo lapho ukudla okuqinile kugaywa khona ama-bacterium. Ubisi olubolayo lwenza umoya amankonyane angenakukwazi ukuwukhipha. Kodwa, uma izilwane ezetshisayo zincela ubisi noma ziluphuza ngebhakede, imisipha ivele ivale umgudu oya oswini.

Ngokuphawulekayo, kwenzeka okuthile okuhlukile lapho inkonyane liphuza amanzi. Lidinga amanzi amaningi oswini ukuze ama-bacterium namagciwane alapho kwande, kulungele isikhathi lapho seliqala khona ukudla ifolishi. Nakuba ubisi ludlulela ngokuqondile etwanini, amanzi angena oswini. Lo mgudu omangalisayo wenkonyane owokudlulisa ubisi kuphela!

Ucabangani? Ingabe lo mgudu wobisi waba khona ngengozi? Noma ingabe wenziwa uMdali ohlakaniphile?

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 13]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ubisi ludlula izisu ezintathu zokuqala zenkonyane

[Umdwebo]

Umgudu wobisi

1 Usu

2 Ingobo

3 Inanzi

4 Itwani (ingxenye yokugcina yesisu)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela