Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni
Lesi senzakalo sasiwukufa kukaJesu Kristu. Kungani ukufa kwakhe kubalulekile?
Kwalwela ukulunga kukaNkulunkulu, kwabonisa ukuthi umuntu angabugcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu.
Kwavulela isintu ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade ePharadesi lasemhlabeni.
UJesu ngokwakhe wamisa isikhumbuzo sokufa kwakhe ngobusuku bangaphambi kokuba afe. Kwakuwumkhosi ongenamicikilisho. Phakathi nawo, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19, 20.
Ingabe uzokhumbula?
OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uzihlanganise nabo ekukhumbuleni lesi senzakalo esibalulekile emlandweni. Kulo nyaka lolo suku luzoba ngoMgqibelo, ngo-March 22, ngemva kokushona kwelanga. Siza ubuze eHholo LoMbuso lendawo isikhathi nendawo eqondile. Ngeke kube nankongozelo, futhi izivakashi zikhululekile ukulalela inkulumo efundisayo nokubona inqubo esetshenziswayo engenamicikilisho.